INLSA
UPHINDILE Joseph Ntshongwana eseNkantolo eNkulu yaseThekwini ekuqaleni kwaleli sonto
SIMPHIWE NGUBANE
KWAMPHATHA kabi unina “wendoda yembazo” ukuzwa ukuthi indodana yakhe yayivukwa wufufunyane impongoloza esitokisini samaphoyisa iwabikela nokuthi ihlela ukuba wuJesu.
UNkk Phyllina Nomafa Letlaka unina kaPhindile Joseph Ntshongwana owayengumdlali wama-Bull Bulls, uthe wafica amaphoyisa esiteshini iDurban Central emokha ngensini umsolwa ngesikhathi ezwa ukuthi usezinhlelweni zokuba nguJesu.
Lo wesifazane ongummeli, utshele iJaji uKate Pillay eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ukuthi lokhu akumphathanga kahle ngoba kwavele kwamkhanyela ukuthi uNtshongwana uphanjanelwa wumqondo kodwa kwakukhona ababekwenza inhlekisa lokhu.
“Babemokha ngohleko kodwa mina angikubonanga kuhlekisa lokhu ngoba indodana yami yayiphanjanelwa wumqondo.
“Ngesikhathi ngimvakashele ngamfica evalelwe yedwa edlikizela empongoloza, engcolile futhi elele phansi kusimende,” kusho uNkk Letlaka ethi kwamphatha kabuhlungu ukuthi umsolwa wayengasawukhumbuli umndeni wakhe enza nezinto ezingaqondakali.
“Yize wayesephethwe yilesi sifo sokuhamba kwengqondo esimqale ngo-2009, uPhindile wayebuye angishayelele imoto uma ngivakasha esifundazweni e-Eastern Cape.
“Inkinga yakhe kwakuwukuthi wayethanda ukuzivalela endlini kodwa akukho okwakukhombisa ukuthi kukhona amthumbile njengoba kusho umbuso,” usho kanje.
Izolo bekunekelwa le nkantolo ngemibiko yodokotela ngesimo sikamsolwa mhlazane eqala ukungeniswa esibhedlela ngo-2009.Ukulalelwa kophenyo ukuthi umsolwa ukulungele yini ukubhekana namacala abekwe wona ayisishiyagalolunye kuhlehliselwe uFebhuwari 24 ukuze abameli bakaNtshongwana bahlanganise obabo ubufakazi.
UNtshongwana usolwa ngoxhaxha lwamacala okukhona kuwo amane okubulala, awokuzama ukubulala amathathu, elokuthumba nelokudlwengula.
Umshushisi u-Advocate Rea Mina, uthe ubufakazi obuqandula ikhanda obethulwe phambi kwale nkantolo wodokotela nochwepheshe bamaphoyisa ophiko lobugebengu obuhleliwe lukhomba ukuthi umsolwa ungumqemane futhi ukulungele ukuthi angabhekana namacala athweswe wona.
U-Advocate Mina uphikile ukuthi umsolwa ubenganikwa imithi kadokotela ngesikhathi egcinwe ezitokisini, wabuza ukuthi yini kanti le eyenza umsolwa wangampongoloza ngesikhathi evela okokuqala enkantolo nyakenye.
|
|
Services