Advertisement

‘Yihlaya okushiwo wuSisulu’

SIMPHIWE NDWANDWE ne-SAPA

SICHAZWE njengehlaya isiphakamiso samaholo sikaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi nokuPhatha, uNksz Lindiwe Sisulu, asenze ePitoli kwabezindaba.

UNksz wenze isiphakamiso emva kokufika kwangqingetshe kwezingxoxo ngesonto eledlule.

Umemezele ukuthi uhulumeni uzimisele ngokunyusa amaholo abasebenzi ngo-9% kodwa akangabe esahlaziya ukuthi eqinisweni u-6.5% uzokwenyusa amaholo abasebenzi bese kuthi u-2.5 kube ngowokwenyusa imihlomulo.

UMnuz Nkosana Dolopi, okhulumela iCosatu ezingxoxweni, utshele Isolezwe ukuthi kufana nokuthi akakakhulumi lutho ngoba usame kulokho, wathi abakwaziyo wukuthiuNksz Sisulu uzama ukudida abantu uma ebeka sengathi benyuse ngo-9% amaholo.

Abasebenzi bafuna ukuthi amaholo abantu bonke abasebenzela uhulumeni anyuswe ngo-8% bese kuphinde kunyuswa eyezindlu ngo-R1 500.

UNksz Sisulu uphinde wanxusa ukuthi abezinyunyana babuyele etafuleni ukuze kukhulunywe ngalolu daba.

Uthe isiyonke imali uNksz Sisulu athe izosetshenziswa nguhulumeni uma ekhuphula amaholo nemihlomulo ingu-R30 billion. Le mali isingaphezulu ngo-R8.1 billion emalini eyayibekwe eceleni ukuthi kwenyuselwe ngawo abasebenzi imiholo.

Esitatimendeni esikhishwe yi-National Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) kuthiwe uNksz Sisulu bekufanele ayokhuluma nekomidi elilalele izingxoxo kunokuba ayokhuluma nabezindaba.

Isemukele isicelo sikaNgqongqoshe sokuba kubuyelwe ezingxoxweni.

UDolopi uthe basakhuluma nezinyunyana ezingamalungu kweCosatu ukuzwa ukuthi abasebenzi bona bafuna kwenzekeni kulolu daba.

SHOW ALL
Advertisement