Advertisement
logoSections

Yimi yimi akekho ongidlulayo kwezokusaza: Daddy The Great

USAZISHAYA isifuba umsakazi woKhozi FM osanda kuqashwa ngokumemezela ohlelweni lwakhe ukuthi nguyena msakazi ohamba phambili eNingizimu Afrika futhi akekho omunye umuntu ongamhlula.

UChilli M, osedume ngelikaDaddy kubalaleli boKhozi, ukusho lokhu kwangehla kahle kwabanye abasakazi bakuleli, okubalwa kubo uPhat Joe, umsakazi weHeart FM ophinde abe ngumethuli weReal Gobhoza, edlala ku-SABC 1, ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama, ozwakale kwelinye lamaphephandaba ekuchitha lokhu okushiwo nguDaddy.

UMSAKAZI woKhozi FM uChilli M uzibona njengomsakazi ohamba phambili kulesikhathi samanje. Credit: Group

Ephawula uDaddy ongena ngezimpelasonto kuKhozi FM uphinde wakugcizelela ukuthi yena uzibona ehamba phambili emsakazweni.

Uthe ayikho into angayikhuluma noPhat Joe ngoba usakazela abantu abangu-300 000 kuphela kanti yena ukhuluma nabalaleli abangu-7 million.

“Ngisho nasebholeni kunabantu abashaya amagoli kube nalabo abadlala emuva. kulesi simo mina ngingumgadli, yingakho ngithi angifuni ukutshelwa ngoPhat Joe,” kusho Daddy, kuzwakala ukuthi luyamnenga lolu daba oluthinta uPhat Joe.

Uthe uke waba wumngani kaPhat Joe wathi kodwa njengoba esemkhuluma kabi emaphephandabeni akasayingeni indaba yakhe.

“UPhat Joe akayeke ukwenza ingxabano engekho nengenasidingo,” kusho uDaddy, ogcine esezibiza ngoDaddy The Great.

Uthe naye uPhat Joe uyazi ukuthi ngeke nanoma yinini ancintisane naye ngoba uyingane uma sekuziwa kwezokusakaza.

UDaddy uthe abantu bazombona ephethe uhlelo eRiverside ngeSonto lapho ezofakazela khona lokhu.

Kulo mcimbi uthe uzobe ekhombisa ukuthi yena ungubani, kukhona noDJ abanohlonze abafana no-Eddie Zondi, Paul Mtirara, DJ Nutty, DJ Syanda, Happy Gal, Ntombi, Ntukza, Ismael Ibrahim, Vumar, Nutty nabanye.

Imizamo yokuthola uPhat Joe ayiphumelelanga.

Laba basakazi bobabili bake basebenzela iMetro FM neYFM.

SHOW ALL
Advertisement