Zibakhalele abasolwa kwelama-ATM

Comment on this story
no atm . AMA-ATM amabili asanda kuqhunyiswa enxanxatheleni yezitolo eseHowick, ngaseMgungundlovu. Amaphoyisa athi iqembu lezigebengu ezingongqondongqondo ekuqhunyisweni kwama-ATM bezimandla ezindaweni eziphakathi nesifundazwe iKZN, njengakhona eHowick. Isithombe: Umngeni News

INTATHELI YESOLEZWE

KUBOSHWE amadoda ayishumi asolwa ngokuba ngongqondongqondo bokuqhunyiswa kwemishini yemali ngamabhomu KwaZulu-Natal kanti kusolakala ukuthi ayathinteka nasekubulaweni kwephoyisa eMgungundlovu.

Abasolwa baboshwe entathakusa izolo ngesikhathi besendleleni phakathi kwakwaHlabisa naseMtubatuba.

Bebesuka eGauteng kanti baboshwe wuphiko olulwa nobugebengu obuhleliwe eMgungundlovu ngokubambisana neMtubatuba Tactical Response Team.

Ukuboshwa kwalaba kulandela uphenyo olunzulu lwamaphoyisa selokhu kwaqubuka izigameko zokuqhunyiswa kwemishini yemali eMgungundlovu namaphethelo.

Uphenyo beluholwa ngu-Captain Tienie Botha wamaphoyisa aseMgungundlovu.

Ukuboshwa kwabasolwa kwenzeke ngenxa yokulunywa indlebe kwamaphoyisa ngumthombo obuyazi iminyakazo nezinhlelo zabo.

Baphakathi kweminyaka engu-30 nengu-40.

Kulindeleke ukuthi bonke abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu kusasa lapho zizobe ziqinile ezokuphepha.

INhloko yophiko olubhekele ubugebengu obuhleliwe eThekwini, uColonel Eddie Van Rensburg, uthe abasolwa abathathu kulaba ababoshiwe bebefunwa uthuli eGauteng ngamacala okuqhumisa ngamabhomu imishini yemali.

Abanye abane bebengaphandle ngebheyili ngamacala ehlukene aphathelene nokuqhunyiswa kwemishini yemali.

Uthe yize abaphangi besebenzisa ulwazi lwezombutho wezempi kodwa akekho kubo oyisosha noma owake waba sembuthweni wezokuvikela.

U-Van Rensburg uthe ezobunhloli emaphoyiseni bezilokhu zilandela umkhondo wabasolwa kusuka ngo-Okthoba nyakenye.

Kunezinsolo zokuthi ababoshiwe bebehlela ukuqhumisa umshini wemali eZululand.

Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kutholakale imoto eyiveni yokwebiwa ebineziqhumane ngasemngceleni waseMozambique. Amaphoyisa athe iziqhumane zatholakala ngesikhathi kuseshwa kahle imoto zithukusiwe emzimbeni wayo.

Iqembu lalezi zigebengu kuthiwa liqhumisa imishini eGauteng, KwaZulu-Natal, Western Cape naseFree State.

Indawo okudlange kuyo laba baphangi KwaZulu-Natal yizindawo ezimaphakathi nesifundazwe.

Amalungu aleli qembu lezigebengu kuthiwa azalelwa KwaZulu-Natal futhi akhulela khona, iningi labo lihlala emahostela eBergville. U-Van Rensburg uthe njengamanje abaphangi sebehlala eGauteng kanti beza esifundazweni uma “bezosebenza” maqede babuyele emuva.

Uthe bayingozi enkulu futhi kabananazi ukudubula uma becabanga ukuthi khona obalandelayo noma balandelwa ngamaphoyisa. “Abanalo uvalo. Sesisebenze kanzima ubusuku nemini kusuka ngo-Okthoba ukuze sivalele laba bantu,” kusho u-Van Rensburg.

Uthe bebengafuni ukuthi babathuse yingakho bengajahanga ukuthi bababophe ngokwehlukana kodwa babalindile ukuze babavalele bonke.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.