MCEBO MPUNGOSE
U KHUZA ibuya umdlalo owafika ngelikhulu isasasa ku-e.tv, i Z’bondiwe, ngoMeyi 2 ngo-9.35 ebusuku.
Lo mdlalo wafika kwazwakala ngesizini yokuqala ababukeli bevezelwa ukushuba kwezinto phakathi kwamaqembu ezigebengu amabili iVutha Boys namaMambas, okuyibo abalawula umphakathi ngobugebengu. Ababukeli babona ubudlelwano obunzima phakathi kwezithandani uNtando (Anga Makubalo) noRoxanne (Zola Nombona), izingqinamba zivivinya uthando lwabo.
Umholi weVutha Boys uKiller (Mbulelo Grootboom) wayezifela ngoRoxanne, enza konke okusemandleni ukuthi ahlale eseduzane naye kangangokuba waze wamthumba wamshada.
Lokhu kwaphoqa uNtando ukuthi amise izinhlelo zokufeza iphupho lakhe lokuba ngummeli, wajoyina iqembu lezigebengu amaMambas ukuze ahlenge isithandwa sakhe kuKiller.
“Ababukeli bayithakasela kakhulu isizini yokuqala ye Z’bondiwe. Lo mdlalo wamukelwa kahle ngababukeli ngokunjalo nabantu abasendimeni abakwazi ukuthi bawufake emnxeni emibili kumaSouth African Film and Television Awards. Izinto zizoshuba kakhulu kusizini yesibili, ababukeli bethu bazojabulela olunye uhlelo olumnandi manje njalo ngoLwesibili ebusuku,” kusho isikhulu sakwa-e.tv, uMarlon Davids.
Kusizini yesibili ababukeli bangalindela ukubona uNtando noRoxanne bezama ukuvuselela uthando lwabo.
Umuntu oyisekela likaKiller, uJakes (Israel Makoe) uzama ukushintsha izindlela zakhe ngokukhuluma iqiniso ngemvelaphi yakhe.
Kuzophinde kuvele nonkosikazi kaKiller uNomonde (Tango Ncetezo), obefihliwe.
Phakathi kwabanye abalingisi abasha abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uCharmaine Mtinta, ozodlala indawo kaThembi ongudadewabo omdala kaNomonde, noThabang Matlala, ozolingisa eka-Andile ongumfana ohlala emgwaqweni, ojoyina amaVutha Boys.
Isiqephu sokugcina sesizini yokuqala saphela kushube umoya esigamekweni sokudubulana okwafa kuso umholi weVutha Boys uKiller ngokunjalo nabaholi beMambas, u-Axe noyise uJackson.