Zimkhalele ‘olahle’ ingane erenki lina izulu

Comment on this story
DOWNLOADS 791 Group UCONSTABLE Vuyiswa Phakathi nowesifazane osolwa ngokulahla ingane erenki yamatekisi eThekwini izolo.

BAWINILE NGCOBO

ULALE ebaliwe izolo owesifazane oneminyaka engu-25 oshiye ingane yakhe erenki yamatekisi aseNdwedwe emgwaqweni uPrince Edward, eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa eThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe lo wesifazane ubonwe ngomama abadayisa ematafuleni kule renki eshiya le ngane enonyaka owodwa emvuleni wahamba.

“Labo mama bathathe le ngane bayiletha esiteshini samaphoyisa base bethi ngoba bayamazi, bazokwazi ukukhombisa amaphoyisa uma bembona,” kuchaza uNdlovu.

Uthe amaphoyisa abe esehamba nalabo mama nangempela lo wesifazane watholakala, wabe eseboshwa njalo.

“Ngesikhathi eboshwa uthe ingane ubengayilahli kodwa ubezobuye ayithathe. Okuxakayo ukuthi akekho umuntu ayishiye kuye uvele wayibeka phansi nje kule mvula ebina kangaka,” kusho uNdlovu.

UNdlovu uthe le ngane itholwe isimanzi ngoba ivele yashiywa nje eceleni komgwaqo, endaweni evulekile.

“Ingane izogcinwa emaphoyiseni ngoba sisazoya kobheka ukuthi lo wesifazane unalo yini ikhaya eliqondile, abazali nezihlobo zikhona yini. Sizobheka ukuthi uma bekhona baphila impilo enjani bangakwazi yini ukunakekela ingane,” kuchaza uNdlovu.

Uthe uma kuwukuthi akanalo ikhaya eliqondile nabantu abangagada ingane, izobe isiyiswa endaweni okugcinwa kuyo izingane.

Lo wesifazane uzovela enkantolo namuhla ngecala lokulahla ingane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.