Zimkhalele ‘owathumba’ izingane zakhe

Comment on this story
no gobaa 2 . Dkt Thuthukile Goba

NOKUBONGWA PHENYANE

UBOSHWE eBenoni eGoli uDkt Thuthukile Goba (osesithombeni) olinganiselwa eminyakeni engu-40 ongudadewabo kaMnuz Dumsani Goba oyisikhulu samaSatma ngemuva kokuphula umyalelo weNkantolo awuthola ehlukanisa nomyeni wakhe.

NgoFebhuwari amaphoyisa akhipha incwadi eyayiwavumela ukuthi abophe uDkt Goba ngemuva kokusolwa ngokuthumba izingane zakhe zamantombazane ezimbili okwakuthiwa angasondeli kuzo ngemuva kokuthi behlukanisile nomyeni wakhe.

UDkt Goba uboshwe ngoMgqibelo ngemuva kokufunwa ngamaphoyisa ngenxa yokuphula umthetho wokuthatha lezi zingane zakhe ezineminyaka engu-5 no 7 inkantolo eyavuna umyeni wakhe ukuthi ahlale nazo.

Inkantolo enkulu yayalela owayengumyeni kaDkt Goba ukuthi nguyena ozobheka izingane nokwathi ngokuhamba kwesikhathi zathunjwa zisesikoleni.

Amaphoyisa akhipha isitatimende lapho ayenxusa khona ukuthi umphakathi ubafunise laba njengoba uyise walezi zingane wayezifake esikoleni iHillcrest Primary School, uDkt Goba yena wazishintsha kungaziwa wazifaka eSt Mary’s eKloof la azithatha khona wabaleka nazo.

Ngokuqhuba kwalesi sitatimende kuthiwa ngemuva kokuthi inkantolo imnqabelile ukuthi abonane nalezi zingane wayejwayele ukuzivakashela ukuze zimjwayele futhi zimethembe ezithembisa yonke into nagcina ngokuthi azithathe njengoba bekusolakala ukuthi useBraamfontein eGoli.

Kuleli cala ebelingene enkantolo yasePinetown izolo, uColonel Jay Naicker okuqinisekisile ukuthi uDkt Goba uboshiwe waphinda wavela enkantolo kodwa akanganaba ukuthi ubevele ngamaphi amacala.

Khonamanjalo ubevele enkantolo yeMantshi eMgungundlovu umkaMfundisi osolwa ngokugwaza intombazane abeyisola ngokuthandana nomyeni wakhe.

Lo wesifazane odedelwe ngebheyili unguthisha eBongudumo Secondary KwaDambuza uboshwe ngeSonto ephuma emnyango wesonto.

Ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.