REUTERS
UDAVID Guetta enza imilingo yakhe ephendula amapuleti.
Vodacom Durban July
NgoMgqibelo
SABC3
14.30
KUZODIDEKA unwabu ngenxa yemibalabala yemiswenko yabazobe behambele lo mcimbi waminyaka yonke iVodacom Durban July. Ngaphandle komswenko kuzodliselwana ogageni kwabachome amatende ngazobe enosaziwayo, ukudla okuphambili nobumnandi. Ingqikithi yalo mcimbi okungumqhudelwano wamahhashi azobe egadulisana kanzima namaphanta emincele ukuthi kube yizintandokazi zawo ezinqobayo ukuze abuyele emakhaya ewine izindimbane zemali.
David Guetta: Nothing But The Beat
UBIG City Life owadla umhlanganiso nyakenye uphahlwe nguChanel Matthews noRebecca Coetzee. Isithombe: DAVE MACLEOD
SUPPLIED
NgoMgqibelo
Vuzu
14.00
IMICIMBI eminingi isuke ingaphelele kahle uma ngabe kakuzokuba khona enye yezingoma zikaDavid Guetta ezothokozisa. INothing But the Beat yisihloko se-albhamu yakhe yesihlanu ebe nedumela kakhulu. Lo DJ odabuka eFrance usephenduke intandokazi emhlabeni ngesikhashana nje engene emculweni. Uthando abantu abanalo ngayo selwedlulele nakubaculi abafana no-Usher, Akon, Kelly Rowlands, Will.i.am, Flo.Rida benezingoma abazihlanganise naye abanye besafisa. Lesi siqephu siveza okuningi ngaye uDavid, ikhono nangomculo wakhe.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services