INLSA
UKWAKHIWA kwezimoto kukhinyabezeka kakhulu ngeziteleka kule mboni. Muva nje iziteleka zidle imboni yezimoto imali engu-R3.5 billion
INHLANGANO yabakhiqizi bezimoto kuleli i-Automobile Manufacturers Employers Organisation (Ameo), ithi iziteleka ezihlala ngokuhlasela le mboni ziyikhubaza kakhulu. Ngo 2010 isiteleka esaba sikhulu sadla imboni yezimoto kuleli imali elinganiselwa ku R3.5- billlion
Lesi siteleka sahlukumeza kakhulu izinkampani okubalwa kuzo uToyota, Ford, VW noNissan nezavala izizinda zazo zokukhiqiza.
Iziteleka azigcini nje ngokwehlisa izinga lomnotho wakuleli kodwa kulahleka namathuba okuhweba emazweni aphesheya.
Lapha eNingizimu Afrika uma kuke kwama ukwakhiwa kwezimoto kuvuleka ithuba kulabo abasebenza ukuletha ezasemazweni aphesheya bese kuba wukulahleka komsebenzi njalo.
Iziteleka ezike zahlasela elakuleli zilandelana zidwebe isithombe esibi ngelakuleli ngokuthi liyizwe elingathembekile uma usebenzisana nalo ngokwemikhiqizo ngokusho kwabe-Ameo.
Bathi lokhu kungenzeka kube nomthelela ongemuhle ngokuhamba kwesikhathi uma sebefuna umsebenzi kwamanye amazwe ngoba angase abe manqika ngokusabela ukuthi kuzophinde kube nesikhathi lapho khona kungeke kuze zimoto ngenxa yeziteleka.
Ngenxa yeziteleka eziqhamuka kungalindelekile, izinkampani sezaze zaba nohlelo lokuthi inkampani ngayinye ibe nohlelo lwayo ezibekele lona lokwenza lokusebenza ukuzama ukuthi uma kufika izikhathi zeziteleka kungazweli kakhulu. Muva nje okunye okulimaze imikhiqizo yezimoto kube ukuzamazama komhlaba okwahlasela izwe laseJapan elinezizinda eziningi zezimoto eziphakela umhlaba.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services