Ziyalona uhlelo lukaChilli M lezi zintokazi

Comment on this story
NO_Daddy0 . UCHILLI M ongumsakazi woKhozi FM nezintokazi ezibizwa ngamapentshisi uPinky noStunky. Isithombe: SANDILE MAKHOBA

BONISWA MOHALE

SEKUPHAWULWE kaningi ngohlelo olusha oKhozini FM oludlala njalo ngoLwesihlanu nolushayelwa ngumsakazi obuye ngezinkani, uVukani Masinga “Chilli M” obuye ateketiswe ngelikaDaddy.

Ngempela le nsizwa yaKwaMashu inobuchule bokwenza ukuthi uyilalele uphinde uyilandele noma ngabe yikuphi lapho isisakazela khona.

Umculo wokujuxuza ungena khaxa kulolu hlelo kepha lobu bumnandi buvele bumoshwe yizintokazi ezihambisana nalo msakazi kulolu hlelo, ezibizwa ngamapentshisi.

UChilli M naye uvele aphithizele nalezi zingane ungabe usazi.

Uthi usalalele uDaddy ekhuphuka nalo uhlelo uzwe amapentshisi esedazuluka athi “ngen’ emgqeni” ungabe usazi-ke noma uhlelo olwamapentshisi noma oluka-Chilli M.

Uma ngingenza iziphakamiso ngingacela ukuthi amapentshisi ehlise umoya angaphaphi kakhulu, noChilli M athathe isikhundla sakhe afake la mapentshisi emgqeni.

Ngiyazi inhloso yakhe wukuba nengxube yabalaleli kodwa amadoda nabesifazane bangalulandela lolu hlelo ngaphandle kwamapentshisi amemezayo nesiphithiphithi sawo.

Sekukaningi ngizwa abalaleli balo msakazo bekhala ngamapentshisi.

Ungangizwa kabi uma ngithi bekhala, ngisho ukuthi bebengayithandisisi indlela avele angene ngayo.

Okunye engingakuphakamisa wukuthi uChilli M asitshele ngobumnandi obenzeka eGoli naKwaZulu-Natal.

Uvamise ukusitshela ukuthi uzobe esakazela ezindaweni zobumnandi eziseGoli, iTheku lona ulishiyaphi? Kwezinye izindawo khona kwenzakalani?

Uma uChilli M efuna ukudlisela ogageni ozakwabo bakwezinye iziteshi kumele asilungise lesi simo, uma kungenjalo uzozithola esebhekene neshwa lokwehlelwa ngabalaleli.

Yize amapentshisi ehamba phambili ezintweni engingazithandi ngalolu hlelo lukaChilli M, kukhona nokho okuthokozisayo.

Ngiyajabula ukuthi uma kuvulwa olayini bezingcingo abalaleli bacela noma yini kuChilli M futhi abenzele ngoba akekho esengike ngamuzwa ekhala ngokuthi akaze akuthole ayekucelile.

Okunye wukuthi uye asitshele umgosi oshisayo ngezihlabani zaphesheya kwezilwandle kanti ubuye asebenzisane nezintatheli zezokungcebeleka.

Ukuxuba umculo wamanje nowakudala kuhle kakhulu ngoba phela uhlelo lulalelwa ‘yizigruvane’ zakudala nomathand’ izinto bamanje.

Abaningi ababekhathazekile ngokuthi uChilli M angase angakhulumi isiZulu sangempela ngoba usehlale kakhulu eGoli abaphole.

Mina anginankinga nesiZulu sakhe ngoba ngiyakuzwa konke akushoyo.

Ngicabanga ukuthi kungekudala wonke umuntu uzobe ekhuluma ngoKhozi olumaPhiks, hhayi olumaphikophiko njengoba bekusho abadala.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.