Ziyenyuka izibalo zabafe ezingozini zomgwaqo eKZN

Comment on this story
no N2 accident Sithunyelwe ISALE iboqoke yaphela imoto okushonele kuyona abalisa ababili engozini eyenzeke izolo ekuseni emgwaqweni uN2. Le ngozi bekungenye yeziningi esezidlule nemiphefumulo ngamaholidi kaDisemba. Isithombe: Sithunyelwe

NONHLANHLA MKHABELA

SILOKHU senyuke njalo isibalo sabantu abashona ezingozini zomgwaqo ngala maholidi njengoba kushone abalisa ababili engozini eyenzeke izolo ekuseni, emgwaqweni uN2, eduze nasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo ER24, uMnuz Derrick Banks, uthe laba balisa abalinganiselwa eminyakeni engaphezu kuka-20 bashone emuva kokuba imoto iHyundai H100 yokuthwala izimpahla abebehamba ngayo ingqubuze udonga kulo mgwaqo ngezithuba zabo-5.30 ekuseni.

“Ngesikhathi abosizo oluphuthumayo befika bathole imoto yalaba balisa inomonakalo omkhulu ngaphambili kanti abagibeli bayo bebelokhu bebambeke ngaphakathi kuyona,” kuchaza uBanks.

Uthe abosizo oluphuthumayo bathe uma bebaxilonga bathola ukuthi balimele kanzima kanti bashonele kuyona indawo yesigameko.

Kudingeke ukuthi laba baze batakulwe ngezindlawu emotweni abebeshonele kuyona.

Lesi sigameko singesinye kwezingaphezu kwenkulungwane ezenzeke ngala maholidi ezweni lonke.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe uNgqongqoshe uMnuz Willies Mchunu ushaqekile ngokushona kwalaba ababili ngoba kwandisa isibalo sabantu abashonela emigwaqweni, okuyinto engamukelekile.

“Isifundazwe saKwaZulu-Natal sisodwa nje kushone abantu ababalelwa ku-130 emigwaqweni kanti izingozi eziningi imibiko iveza ukuthi zenzeka phakathi kuka-10 ebusuku no-6 ekuseni okungenzeka ukuthi abantu bayehluleka ukuzikalela ukuthi sebekhathele,” kusho uNcalane.

Uthe okunye okungadala lokhu wukuthi njengoba kungamaholide nje, abantu abaningi ngalezi zikhathi basuke beya noma sebebuya ezindaweni zobumnandi ‘sebedlile’ okuyinto ehamba phambili ekudaleni izingozi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.