LUNGILE MAJOKA
Bloemfontein Celtic (0) 1
Orlando Pirates (0) 0
I MIPHUMELA yomzuliswano wesithathu wemidlalo ye-Absa Premiership ikhomba ukuthi kusazoshuba embangweni wokudla isicoco sesizini ka-2015/2016 njengoba amaqembu ehluleka wukugcina umgqigqo.
Sekudlalwe imidlalo emithathu kodwa alikho iqembu eseligqashuke lawashiya amanye njengoba imiphumela ilokhu ishintsha umdlalo ngamunye.
Izolo kugqamile lokhu ngesikhathi i-Orlando Pirates ihluleka wukuqhubeka lapho ibigcine khona ngesonto eledlule lapho yabhaxabula iChippa United ngo 4-1, yathola amaphuzu amathathu okokuqala kule sizini.
Ezimnyama zigadle zephuka zithi zifuna ukuqeda ngeCeltic esibayeni sayo emdlalweni obuseFree State Stadium izolo ebusuku.
IPirates ihlulwe ngo 1-0 wengcwenga yegoli likaVuyani Ntanga alinamathelise enethini ngekhanda ngomzuzu ka-75 ngemuva kokugotshelwa elihle ibhola uLantshane Phalane ngakwesokunxele.
IPirates ibisihlulwa okwesibili kwiligi njengoba yavula ngayo induku iguqiswa yiSuperSport United ngo 1-0.
Ngasohlangothini lweCeltic amaphuzu amathathu yiyona into uClinton Larsen abeyifuna phezu kokwenza izinguquko eziyisishiyagalolunye eqenjini alibophele izolo.
Ushiye uLyle Lakay noGeoffrey Massa kuphela kubadlali ayebaqalise umdlalo ngesikhathi bebambana ngo 1-1 nePlatinum Stars ngempelasonto edlule.
ULarsen ubekushilo phambili ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ukuthi uzozenza izinguquko ngenxa yokuthi uzobe ecabanga nangomdlalo wangempelasonto lapho bezoqhuthana khona neKaizer Chiefs eFNB Stadium emlenzeni wesibili we-semi final yeMTN 8.
Ngemuva komdlalo uLarsen uvumile ukuthi ubegembula ngokwenza izinguquko kodwa wathi uyaziqhenya ngendlela ezakhe ezidlale ngayo.
Uzakwabo ku-Orlando Pirates, u-Eric Tinkler ukhale ngokungalandeli imiyalelo kwabadlali bakhe.
IPirates iwuqale ngamandla umdlalo, itholana ngamaphasi amahle phakathi kukaKermit Erasmus noMpho Makola kodwa yangakwazi ukuwasebenzisa.
Kwezinye izikhathi lapho ibihlasela khona, kusize unozinti weCeltic uBongani Mpandle, obebambele uPatrick Tignyemb ezintini. Yize iPhunya Sele Sele ibidlala ngabadlali abangajwayele ukuthola isikimu, ibingazibekile phansi nayo imthwaliswa kanzima uSiyabonga Mpontshane obesemapalini ePirates.
IBucs akusilona kuphela iqembu ebelivulele isibhaxu emidlalweni edlule elihlulekile wukuqhubeka lapho beligcine khona, ompetha beligi iChiefs ngempelasonto babhudluze iFree State Stars ngo 4-0 kodwa ngoLwesibili babambana ngo 1-1 nePolokwane City.
IMamelodi Sundowns ithele induku iBidvest Wits ngo 4-2, yabuya yahlulwa yiMpumalanga Black Aces ngo 1-0.
Njengamanje i-Aces ephekwa uMuhsin Ertugral iyona ehleli esicongweni ngamaphuzu ayisikhombisa kodwa nayo inegebe lephuzu elilodwa emaqenjini ayilandelayo.
Imiphumela yemidlalo yayizolo ye-Absa Premiership:
Ajax Cape Town 2-1 Free State Stars; Platinum Stars 2-0 Golden Arrows; Bloem Celtic 1-0 Orlando Pirates; Bidvest Wits 2-0 Maritzburg United; SuperSport United 0-0 Jomo Cosmos.