THOKOZANI NDLOVU
UMCULI waseThekwini oshisa izikhotha kulezi zinsuku upheka unqambothi lwengoma nenkakha yomculo we-Afro pop ezoba kwi-albhamu yakhe entsha okulindeleke iphume maduze.
UNaima Kay uthe abakayiqambi isihloko ingoma abayicula ngokuhlanganyela noRobbie Malinga ophinde abe nguphrojusa wakhe.
Ikhuluma ngezithandani ebezinothando oluvutha amalangabi kodwa izinto ezingasahambi kahle phakathi kwazo.
Ezinye zezinhlamvu ezizwakala kuyona zithi: Kanti yini kwenzenjani na, yini sinaka abantu, we used to flow like a river to the sea.
UNaima Kay ozakhele udumo ngengoma ethi Leli Langa, uthe kumjabulisile ukusebenza nenkakha enjengoRobbie.
“Bengivele nginesifiso kusuka kudala ukucula naye. Kuzoba ngokokuqala ecula nami uma ngicula emphakathini njengoba eba manqika ukwenza njalo uma seniqophe naye ingoma. Mina ungithembisile ukuthi sizocula naye futhi nami ngikubheke kakhulu lokho,” kusho uNaima.
URobbie uthe noma engakukhonzile ukuyicula ingoma uma eseqophe ngokuhlanganyela nabanye abaculi kodwa uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyacula noNaima.
“Yingane yami encane le emculweni, ngeke ngiyiphoxe sizocula nayo. Kuyangijabulisa ukusebenza nabantu abasebancane ngabelana nabo ulwazi enginalo emculweni. I-albhamu yakhe kumele iphume ekupheleni kukaSepthemba. Le ngoma esiphezu kwayo ngeka-11 manje,” kusho uRobbie.
URobbie uthe kwezinye izingoma uNaima ucula ngokuhlanganyela noScelo Gowane neTeam Robbie ebikwi Clash Of The Choirs.
Kulezi zinsuku izingoma zikaNaima ezisematheni ngezithi Shayizandla nethi Umsebenzi.
I-albhamu yakhe yokuqala ayikhiphe nyakenye, Umsebenzi, imbeke kwelenyoni yaphinda yamvulela amathuba amaningi njengoba eqokwe emiklomelweni yezindondo eyahlukene okungamaMetro Awards namaSama, wanqoba eyeBest Newcomer kumaSama.
URobbie uthe akanalo noluncane uvalo ngale albhamu entsha ezayo kaNaima ngoba uyazethemba ngaso sonke isikhathi ngomsebenzi awenzayo futhi uhlale enza isiqiniseko sokuthi umsebenzi wakhe uhlala usezingeni.