INTATHELI YESOLEZWE
UNOBHALA-Jikelele weSouth African Communist Party (SACP) uDkt Blade Nzimande izolo utshele izithunywa ebezisengqungqutheleni eyisipesheli yamaKhomanisi ukuthi impilo yakhe nekaNkk Joyce Moloi-Moropa onguMgcinimafa wale nhlangano, isengcupheni ngenxa yokugxeka isivumelwano esenziwe yiSABC neMultichoice.
“Impilo yami nekaMgcinimafa isengcupheni njengoba sisatshiswa abathile ngenxa yokugxeka iSABC. Kungani kumele siphoqwe ngokubuka iDStv nezinhlelo zayo eziphindwa njalo kube ngathi yisona siteshi esihlukile? I-SABC isihlangene nabeMultichoice ekudlaleni ngabantu. Silwe kabi sizama ukukhulula iSABC ezandleni zeNational Party, kumele silwe neNaspers ekuzigayeleni imali isebenzisa ithelevishini,’’ kusho uNzimande.
UNzimande ubethula umbiko wesimo seqembu kwezepolitiki, kule ngqungquthela ese-University of Johannesburg, ophikweni oluseSoweto.
INaspers, ephethe iMedia 24, inamasheya kuMultichoice. UNzimande usole iphephandaba leMedia 24, i City Press ngokumphenya ngoba egxeka iSABC.
“Sizolwa ukuze sikhulule iSABC kulo mkhuba owenziwa iNaspers.”
IMultichoice edlala iziteshi ezikhokhelwayo, iqinisekise isivumelwano sayo neSABC sokuthola ilungelo lokusakaza isiteshi sezindaba esidlala amahora angu- 24 nesikaqedisizungu. Ngokusho kwesivumelwano esisayinwe ngo-2013, iMultichoice izokhokhela iSABC uR100 million ngonyaka, okuzoba yiminyaka emihlanu.
Baningi abasigxekayo lesi sivumelwano, abanye baze bathi iMultichoice iyona elawula imifanekiso egcinwe yiSABC.
Isiteshi sikaqedisizungu esibizwa ngeSABC Encore, sidlala izinhlelo ezindala zama-80 kuya kuma-90.
UNzimande ujikele abezindaba, wathi uncamela ukubuka isiteshi sethelevishini saseRussia ukuze ezothola izindaba ezisile kunokuthi afunde amaphephandaba akuleli noma abuke iziteshi zezindaba njenge-CNN ne-BBC.
“Angizifundi izindaba zangaphandle emaphephandabeni ethu ngoba awakutsheli lutho. I-BBC neCNN itshala inkoleloze yamazwe.”
“Angilwi nabezindaba kepha ngibaphonsela inselelo.”