CELANI SIKHAKHANE
I SISUSE umsindo indaba yokuvalwa kwamahhovisi oMnyango wezoLimo asoPhongolo, KwaZulu-Natal, avalwe umnikazi wezakhiwo okuqashwe kuzo ngenxa yesikweletu serenti ka-R100 000 esingakhokhiwe uhulumeni.
Lokhu kwenzeke kungakapheli ngisho izinyanga ezimbili umnikazi wezakhiwo eziqashwe uMnyango wezoLimo ethukuthele wavala amahhovisi ekhala ngokuthi sekuphele isikhathi eside engakhokhelwa imali yakhe yanyanga zonke.
I-DA isola uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uMnuz Cyril Xaba noweze-Misebenzi yoMphakathi uMnuz Ravi Pillay ngokungathembeki ngalolu daba.
UMnuz Francois Rodgers we-DA esiShayamthetho saseKZN uthe lokhu sekushiya imibuzo ngokusebenza kukahulumeni wesifundazwe.
“Kuyethusa ukuthi kungakapheli ngisho izinyanga ezimbili kube nenkinga yokukhokhwa kwe-renti yamahhovisi asoPhongolo sekuqala le nkinga ngenxa yoMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ongayikhokhile imali yanyanga zonke njengoba kungumsebenzi wawo ukubhekana nezakhiwo ezisuke ziqashwe iMinyango kahulumeni,” kusho uRodgers.
Uthe uhulumeni uqale umkhankaso obizwa ngokuthi “sikhokha ngesikhathi” ukuze kuqinisekiswe ukuthi abenza imisebenzi nohulumeni bakhokhelwa ngesikhathi kodwa babona sengathi uyehluleka.
URodgers uthe ekuqaleni kukaSepthemba bazwakalise ukukhathazeka ngoMnyango kaXaba wezoLimo ngomkhuba owuhlasele wokungabakhokheli abantu ngesikhathi.
Uthe baze bamyalela ukuthi kufanele axhumane nozakwabo uPillay ukuze kulungiswe indaba yokuthi bakhokhelwe ngesikhathi abenza imisebenzi neMinyango kahulumeni.
Okhulumela uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Nkosingiphile Ngubane, uthe kuyabethusa okwenzekayo ngoba udaba lokukhokhwa kwemali edingekayo bayalulungisa.
“Okumele sikucacise wukuthi nakuba udaba silulungisa kodwa njengoMnyango sicelile kumnikazi wezakhiwo esisebenzela kuzona ukuthi asilungisele amahhovisi abe sesimeni esigculisayo ngoba abasebenzi bethu bebengeneme ngendawo abasebenzela kuyona. Ngaphandle kwalokho sekuyiminyaka sisebenzela kulama hhovisi nokuyinto esiphatha kabuhlungu ukuthi lo muntu usengaze avale amahhovisi ekubeni uMnyango kuyona yonke le minyaka ubuhlale umkhokhela kahle ngendawo esiyiqashile,” kusho uNgubane.
Okhulumela uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi uMnuz Mbulelo Baloyi uthe bakhokha uma lowo Mnyango osuke uqashe izakhiwo ubanikezile imali.
“Thina njengoMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi imali esisuke sikhokha ngayo kulezo zakhiwo zikahulumeni eziqashiwe ivela kuleyo Minyango esuke ithinteka. Uma uMnyango ungakhokhanga kuba nzima nakithina ukuthi sibe nemali yokukhokha,” kusho uBaloyi.
UMnuz Chris Smit ongumnikazi wamahhovisi aqashwe uMnyango wezoLimo uthe uke wawavala amahhovisi kodwa manje avuliwe yize engakhokheliwe imali yakhe.
“Ngisalindile ukuthi bangikhokhele imali yami ngoba isiyonke sekuhlangene nalena yokuthi bahlulekile ukungikhokhela izinyanga eziyisithupha ifinyelela ku-R104 000. Okunye bakhuluma iphutha uma bethi amahhovisi awekho esimweni ngoba konke kusezingeni eligculisayo,” kusho uSmit.
Uthe ngenyanga uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi umkhokhela u-R23 000 abagcine sebehluleka ukuwukhokha.