FANELESIBONGE BENGU
K UZOPHINDA esamaMetro FM Music Awards njengoba kubhekwe ukuthi kuncintisane kakhulu abaculi be-hip hop kumaSouth African Music Awards (Sama) azoba seSun City ngo-Ephreli 19.
Kuzokhumbuleka ukuthi kumaMetro FM Music Awards abeseThekwini ngoFebhuwari 28 kwakuqokwe kakhulu abaculi be-hip hop okungoCassper Nyovest (osesitho-mbeni), K.O no-AKA.
UCassper kwagcina kunguye obaqwaqwada bonke emakhanda abaculi kwazise wathola izindondo ezinhlanu okuhlanganisa eyeBest Hip Hop Album neyeSong of The Year ngengoma yakhe ethi Doc Shebeleza.
Ngesikhathi kumenyezelwa abaqokwe kumaSama eThe Rand Club, eGoli, izolo, igama likaCassper limenyezwe kahlanu, elika-K.O lamenyezwa kane.
Iqembu le-pop iBeatenberg eyazakhela udumo ipikwe eculweni likaDJ Clock elithi Pluto nalo liqokwe kahlanu.
UCassper usethubeni lokuhlabana ngendondo yeBest Rap Album, Best Collaboration, Best Album, Best Male Artist neyeBest Newcomer.
U-K.O, ongatholanga lutho kumaMetro yize ayeqokwe kahlanu, yena uqokwe kane kwiBest Collaboration, Best Album, Best Male Artist nakwiBest Rap Album.
Imbangi enkulu kaCassper, u-AKA, uqokwe kathathu kanti omunye umculi we-hip hop ofike kwezwakala, uDuncan waseThekwini naye uqokwe kathathu.
Ngaphandle kukaDuncan, iKwaZulu-Natal imelwe nguL’vovo noProfessor abaqokwe kwiBest Kwaito, Thokozani Langa kwiBest Maskandi Album, Sfiso Ncwane no-Andile kaMajola kwiBest Traditional Faith Music Album, ukubalwa abambalwa.
Abaqokwe kumunxa othathwa njengomkhulu iKIA Record of the Year bazomenyezelwa ohlelweni lakwaSABC 1 Live Amp ngo-9 kusihlwa. Yiwona wodwa lo munxa ovotelwa umphakathi.
Lo mcimbi okuzoba ngoka-21 nonyaka uzokhonjiswa bukhoma ku-SABC 1 kusukela ngo-8 ebusuku.