INTATHELI YESOLEZWE
U GWAZWE inxeba elilodwa enhliziyweni kwaphela ngempilo yakhe umculi we-hip hop okusolwa ukuthi ugwazwe yintombi yakhe izolo entathakusa.
UNkululeko Habedi obedume ngelikaFlabba (38) ushonele kubo e-Alexandra, eGoli, izolo.
Yize ingakahlangani imininingwane ngokufa kwakhe, umakhe-lwane ongalive-zanga igama lakhe uthe umsindo uqutshulwe ukufika kukankosikazi walo mculi ezofuna imali yesondlo ngeSonto ekuseni kanti intombi yakhe ayijabulanga ngalokho.
Umfowabo omncane uTshepang Habedi okhulumele umndeni uthe basola ukuthi uFlabba nentombi yakhe eboshwe khona izolo, baxabene kwaholela kulesi sigameko.
“Ugwazwe kanye enhliziyweni ngo-2 ekuseni. Ubesendlini yakhe. Asazi ukuthi ingxabano isuswe yini,” kusho uTshepang.
“Kunzima kumama, sekusele mina ngedwa ezinganeni zakhe. Omunye umfowethu washona ngo-1994 manje sekunguFlabba. Kumele ngime isibindi ngenzele umama.”
Izolo bekuphithizela omakhelwane, abaculi, osaziwayo nabalandeli bezoduduza umndeni kaFlabba.
USiya “Slikour” Metane abebecula naye eqenjini elashisa izikhotha iSkwatta Kamp uchaze uFlabba njengomuntu obengeyona imbulu.
“Yonke into yakhe ibiyiqiniso. Ubenenhliziyo ekhululekile, engumfowethu eqenjini,” kusho uSlikour.
Uthe uFlabba ubebuye abe namancoko futhi ezithanda izingane.
“Ngigcina ukukhuluma naye wathi ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi izingane zakhe zizonakekeleka kahle,” kusho uSlikour, othe ubenoFlabba ngempelasonto emcimbini wosuku lokuzalwa komunye umculi we-hip hop uTabure “JR” Bogopa.
ULebogang “Shugasmakx” Mothibe naye ocula kwiSkwatta Kamp uthe ubenoFlabba enandisa ngeSonto ebusuku eThe Sands eSandton ebukeka ethokozile.
Uthe uFlabba wayehamba nentombi yakhe kulo mcimbi akekho owaziyo ukuthi bekubangwani kodwa yibona bobabili abaziyo.
Amaphoyisa izolo akuqinisekisile ukuthi uFlabba ugwazwe washona.
“Intombi yakhe iboshiwe kulindeleke ivele enkantolo maduze,” kusho uLt-Col Katlego Mogale izolo.
UNkosana “Bhoza” Nkosi obecula noFlabba kwiSkwatta Kamp uthe bagcine ukukhuluma naye ocingweni ngeSonto engazi ukuthi sekungokokugcina.
“Ukubonana sigcine ngesonto eledlule ngoba kukhona ebesikuqopha kwe Channel O. Besizwana kakhulu noFlabba ngoba indlela esikhule ngayo icishe ifane. Ube nesandla empumelelweni yami nami ngibe nesandla kweyakhe,” kusho uBhoza othe bahlangene nomndeni ukudingida amalungiselelo omngcwabo.
Uthe ushiye emhlabeni izingane zakhe ezimbili, unina nomfowabo omncane.
UKwesta oke wacula neSkwatta Camp futhi abasanda kuqopha ndawonye iculo likaDJ Sliqe elithi Do Like I Do noFlabba uthe: “Angiphathekile kahle. Ngithanda ukungaphawuli okwamanje. Ngikubo lokho kwenza kube nzima kakhulu.”
UFlabba ukumalungu asungula iSkwatta Kamp enamalungu ayisikhombisa.
Ama-albhamu aleli qembu, i Khut En Joyn, Mkhukhu Funkshen, Washumkhukhu neF air And Skwear, alakhela udumo nogazi ikakhulukazi izingoma ezithi Umoya, Sunshine, Skwatta Khanival, Summer Song, Eskhaleni, Landela neT he Clap Song.
Ubuye wakhipha i-albhamu engayedwana i Nkuli vs Flabba ngo-2006 eyayinezingoma ezithi Bho Fatshe nethi Is’bhamu Somdoko eyamenza wahlonishwa ngendondo yeBest Rap Album kumaSama ngo-2006.
Muva nje ukhiphe ingoma abecula kuyo noJR ethi Nay’ inking a. Kwenzeka lokhu nje iSkwatta Kamp bekumele iyocula kwi-UnPlugged ye Channel O ngoLwesihlanu kanti ngoMgqibelo odlule ibicula eNewtown, eGoli emcimbini i-Axecess Jozi Festival.