Uyabuya owabazigqaja ngabayikhona

IFULEGI elimibalabala elisetshenziswa minyaka yonke kwiPride eliyinkomba yokuhluka kwabantu kuleli. Isithombe: SITHUNYELWE

IFULEGI elimibalabala elisetshenziswa minyaka yonke kwiPride eliyinkomba yokuhluka kwabantu kuleli. Isithombe: SITHUNYELWE

Published Jun 25, 2012

Share

MINENHLE NTOMBELA

U KHUZA ibuya umcimbi odonsa isonto lonke wabantu abathandana bewubulili obufanayo obizwa ngePride.

Lo mcimbi uba minyaka yonke emadolobheni amakhulu amathathu akuleli okuyiGoli, yiTheku neKapa kodwa owaseThekwini awubi ngundabamlonyeni njengakwamanye amadolobha.

Nyakenye iTheku liqale umkhankaso wokusingatha iPride kanti yaba yimpumelelo nokuyisizathu esenze ukuthi abahleli balo mcimbi, iLesbian Gay Bisexual Transgender and Intersex (LGBTI) bathathe isinqumo sokuphinde bawubuyise nakulo nyaka.

Kulo mcimbi kuba nemashi lapho abathandana bewubulili obufanayo begcwala imigwaqo bebhiyoza betshengisa ukuzigqaja ngokuthandana kwabo futhi bagcizelela namalungelo abo, bagqugquzele umphakathi ukuthi akube nokubekezelelana nokuphilisana ngokuthula.

Nonyaka lo mkhankaso obizwa nge- “I am” Durban Pride uzoqala nmuhla uphele ngoJulayi 1 kanti nsuku zonke kuzobe kunemicimbi ekhona kubalwa namafestival, umncintiswano wozime nemashi ezobe isemgwaqweni uDr Pixley ka Seme (West Street).

I-LGBTI ithe ihlele imicimbi eyahlukene usuku nosuku kuze kufike uMgqibelo (Juni 30) nokuwusuku okuzoba nendumezulu yekhonsathi nemibukiso enkundleni yemidlalo iKings Park.

Kumenywa bonke abanesifiso sokuhlanganyela kulo mcimbi ngalolu suku.

Okhulumela iGay and Lesbian Centre eThekwini uSiphokazi Nombade uthe kulo nyaka kunoshintsho olukhona ezinhlelweni zalo mcimbi.

Imashi izophelela eKings Park kanti ngosuku lokugcina kuzoyiwa esontweni. Kuyo yonke le micimbi kungenwa mahhala.

Related Topics: