NOKUBONGWA PHENYANE
L UZODONSA amahora amabili uhlelo lwethelevishini oluvumbulula amakhono ama- Idols SA kanti abawu-11 abasele bazocula izingoma abazobe besizwa kuzona ngumbhali nomdidiyeli wezingoma waphesheya kwezilwandle, uGordon Chambers, osesebenze nabaculi abafana no-Usher, Beyoncé, Whitney Houston no-Aretha Franklin.
Ngemuva kwesiqephu sangeSonto (Septhemba 21) kuzovulwa ithuba lokuthi abantu baqhubeke bavotele oyedwa kwabsele njengoba njalo ngesonto kumele kube khona oyedwa ophumayo.
Ukusebenza kwamavoti kugqamile ngesikhathi sekuhlungwa kwabawu-16 abebesele njengoba kuphume abantu abanconywa kakhulu amajaji ama- Idols ngesikhathi becula emasontweni amabili adlule.
Insizwa yasePinetown, eThekwini, uKyle Deutschmann (27), yagxekwa yiwona womathathu amajaji ngesikhathi icula iculo likaBeyoncé elithi Pretty Hurts kodwa ibihamba phambili ngamavoti ngenxa yomkhankaso wokuvota oqalwe ngabaculi baKwaZulu-Natal oqhubekayo ezinkundleni zokuxhumana.
Amajaji atshele bonke abasele ukuthi bakulungele ukudlulela phambili futhi nakuwo bekungelula ukukhetha ababili abavotelwa yiwo.
UVincent Verhoog, Ivan Roux, Bongi Silinda, London Louw, Vincent Bones, Lize Mynhardt, Musa Mashiane, Tumi Morobane, Demi Lee, Kyle Deutschmann noRoxy McVean yibona abasele abazoqhudelana bese kuthi oyedwa kubona athweswe isicoco salo nyaka.
Kusukela namhlanje ngo-6.30 ntambama kuzoqala kukhonjiswe abafika bezozama inhlahla ezifundazweni ezehlukene kodwa bangadlulela phambili.
Kuzophinde kukhonjiswe abangenela lolu hlelo ngoba befuna ukubalwa kokubizwa ngeWooden Mic Special Edition.
Ama- Idols akhonjiswa njalo ngeSonto kuDStv (Channel 161), kuMzansi Magic ngo-5, ntambama.