SIZWE BLOSE
N GABE ngenza iphutha uma ngingakhulumi ngomcimbi wamaMetro FM Music Awards abese-ICC ngempelasonto.
Kubo bonke abantu abebehambele le ndumezulu yomcimbi akekho ongichaze njengoTbo Touch obephethe uhlelo noMinenhle Dlamini. Ngiyazi akulula ukuncoma ngesinye isikhathi kodwa uTbo Touch wenze umsebenzi omuhle kakhulu.
Lo msakazi ongena ngo-3 kuya ku-6 ntambama kuMetro FM uphiwe, uma esephethe umbhobho ngeke umthinte manje useveze elinye ikhono lokuphatha umcimbi ngobunyoninco.
Into angichaza ngayo wukuthi uyachoma futhi akanendaba nokuthi ubani uthini, akushoyo ukusho ngokukhulu ukuzethemba noma ebheda, ubheda ngokukhulu ukuzethemba.
U-Tbo Touch uvele angikhumbuze umsakazi uKansas City Mchunu, uma ukhuluma nanoma ngubani ukutshela ukuthi uKansas ubephiwe futhi akekho owayesondela kuyena, njengamanje abantu bayavumelana ngoTbo Touch ukuthi uzihambela yedwa.
Uma abasakazi bengafana noTouch, cha, zingabuya izinsuku ezimnandi zomsakazo. Kukhona lapho ethe manje sengizobiza uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uSenzo Mqhunu. Uthe uma eqeda ukusho njalo wazihambela, ubona nje ukuthi akaliboni iphutha, uyazi ukuthi ungumSotho bona o-C bababiza ngo-Q futhi ngeke umtshele lutho uTouch uzithemba kakhulu.
Kunesikhathi lapho kusukume khona kwachwaza izihambeli ngesikhathi eseshaya intshumayelo elingisa abaseMelika, ngivele ngabona ukuthi uTouch unesiphiwo sangempela, hhayi abamyeke.
Ngiyazi kunalabo abathi unokudelela, mina ngithi uyazikhulumela futhi akasabi ukuveza umbono wakhe.
Omunye umsakazi weMetro FM ongichazayo uDJ Sbu, naye wenza noma usho into ayithandayo, uma ulalele uyezwa ukuthi uzihambela yedwa.
Yebo, abasakazi kunemigomo abasebenza ngayo kodwa phela ukuze kube mnandi eminye kumele iphulwe, nabaphathi kumele babheke phansi kokunye.
Bheka nje emcimbini wangoMgqibelo uSbu wenzise okukasomabhizinisi – uthe uma ethola ithuba walisebenzisa. Baningi abantu abazi ngomkhiqizo wakhe namhlanje, uyadingeka umsakazi ongasabi.
IMetro FM inenhlanhla ngoba baningi abasakazi abangesabi kuyona, ngifikelwa nanguGlen Lewis. Cha, uma uyiqhathanisa neminye imisakazo ihamba yodwa mhlawumbe yingakho ilalelwa futhi ithandwa ngalolu hlobo.
Uma ukuchitha engikushoyo ngilethele noma abasakazi abathathu bakweminye imisakazo abenzisa okoTouch, Glen noma uSbu. UNgizwe Mchunu woKhozi ucishe abe yile nhlobo yabasakazi ngukuthi nje yena usakaza iningi lethu selilele lilungiselela usuku olulandelayo.