FANELESIBONGE BENGU
INKAMPANI yomculo esanda kushiywa wuBucie wengoma ethi Easy To Love, iDemor Music, isivumbulule ithalente ngokusayina iqembu elisha iSticks & Stones.
Lokhu kuvezwe wumphathi wenkampani uThandukwazi “Demor” Sikhosana oyilungu leShana ehlanganiswe nguye, uDJ Black Coffee noShota.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kuvele izindaba zokuthi uBucie kulezi zinsuku oshisa izikhotha ngengoma ethi Easy To Love ayenze noHeavy K ushiyile kule nkampani.
UBucie wangena emculweni ngemuva kokuvunjululwa nguye uDemor wamenzela ingoma afika ngayo ethi Ngicel’indoda.
“IDemor Music isikuphindile lokho edume ngakho. Siyaziwa sivumbulula ithalente elisha, uma sesilipholishile bese silinekela umphakathi. Yinto esiyenzayo nakwiSticks & Stones,” kusho uDemor.
Uthe iSticks & Stones yiqembu elishaya i-electro house elihlanganiswe nguSanele “Sun-El” Sithole, Orifile “Oristo” Mokhasinyane noLesego “Les-Ego” Mapela.
“Empeleni sekunesikhashana ngisebenza nawo lamajita enkampanini kodwa esebenza esithe. USun-El ubephrojusa kuthi uLes-Ego ebhala izingoma njengethi Shela kaBucie. Kukhona ingoma yabo ethi Misbehave ekwi-albhamu kaBucie entsha.
“Ngithathe isinqumo sokuthi ngibahlanganise benze umsebenzi owodwa. Benza lo mculo wamanje esicabanga ukuthi abantu bazowuthanda,” kusho uDemor.
Uthe njengamanje umatasa uhlela indaba yokufaka ingoma yaleli qembu yokuqala ethi Without You emsakazweni njengoba isikhona.
“NgoJulayi 18 izophuma itholakale kwi-internet ezitolo zomculo ezifana ne-iTunes kanti nakumaselula izotholakala njenge-caller tune ne-ringtone. I-albhamu ephelele abakazoyikhipha manje,” kusho uDemor.