INTATHELI YESOLEZWE
A KUKHOLAKALI uma usaqala ukumbona edlala ngobuchwepheshe boDJ ujahidada oneminyaka emibili.
Usala unkemile uma usumbona ededela igqomu kuhle koDJ oseneminyaka enza lo msebenzi uDJ AJ onguDJ omncane kunabo bonke kuleli.
Enxanxatheleni yasezitolo kumi iqulu phambi kwakhe elibuka lesi simanga somfanyana edlala aze anqekuzise ikhanda ehambisana nengoma ukutshengisa ukuthi uyizwa ngaphakathi ingoma ayidedelayo.
Kuyasho ukuthi usayigane njengoba nama-headphones engamlingani kahle elokhu efuna ukuwa.
Abantu ngaleso sikhathi sebephethe amaselula abo bashutha lesi simanga esenza nontanga yakhe babuke bangakholwa.
U-Oratilwe Hlongwane wase-Alexandra, eGoli akakakwazi nokukhuluma kahle kodwa useyakwazi ukukhetha, adidiyele ngobunyoninco izingoma azidlala kwi-laptop.
Ezinkundleni zokuxhumana usephenduke isilomo ngenxa yaleli khono lakhe.
Unina uRefiloe Marumo uthi lokhu kungumphumela wesinqumo sikayise owamthengela i-iPad engakazalwa nokuzalwa.
Inhloso kayise uGlen Hlongwane kwakungukumfakela ama-applications azomsiza ekufundeni kwi-iPad, wabe esezifakela naye i-application yoDJ.
Esenonyaka owodwa uDJ AJ wayesekwazi ukusebenzisa i-iPad yakhe nokwathi uma engagculiswa yimidlalo yokubala yodado wabe eseqala ecofacofa i-application yoDJ eyayifakwe nguyise.
Abazali bakhe bathuka isimanga ngenkathi esetshengisa ukuthi useyakwazi ukusebenzisa le-application ekubeni wayesafaka ngisho inabukeni.
Wayesekwazi ngisho ukudidiyela ngobuciko imisindo ekuyo naye ebe engazibekile phansi edansa ehambisana nesigubhu.
I-video yakhe edlala ingoma eyashisa izikhotha kaDJ Merlon noMondli Ngcobo i Koze Kuse, yahlaba abaningi umxhwele ezinkundleni zokuxhumana kanti ku-Facebook usenabalandeli abangu-25 000.
Lolu dumo lwakhe selumenze wonke umuntu wafuna ukumbona edlala futhi usethola noxhaso, okuyinto esafiswa yinqwaba yoDJ asebebadala.
Bakhona nokho abagxeka lolu dumo lwakhe abasola abazali bakhe ngokufuna ukwenza imali ngethalente lakhe elimangalisayo.
“Angiyixhaphazi ingane yami,” kusho uyise.
Abazali bakaDJ AJ abakamvumeli ukuthi aye kodlala emaphathini nakuma-night clubs.
Bayakugcizelela nokuthi ngeke baze bamphoqe ukuthi abe nguDJ uma esekhulile kepha bathi bakholwa wukuthi ithalente nobuciko bakhe bungase buhlahle indlela yekusasa lakhe.
“Ngibona sengathi sinoBill Gates wakusasa lapha,” kusho uyise.