INTATHELI YE SOLEZWE
SELUKHISHIWE uhlu lwabesifazane abangu-15 abenza izinto zenzeke kwezamabhizinisi abazohlonishwa ngoJuni 24, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
IBusinesswomens Association of South Africa, okuyiyona ehlonipha abesifazane abakwezamabhizinisi, abasebenzela uhulumeni nabasiza umphakathi, ithe abaqokiwe bakhethwe ngamajaji azimele futhi bekumele baphendule imibuzo eminingi.
UNkk Mpume Langa onguSihlalo weBWA KwaZulu-Natal uthe abaqokiwe benza umehluko emikhakheni yabo futhi baneqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umphakathi ngolwazi abanalo nokuza nezindlela ezintsha zokwenza imisebenzi.
UNkk Langa oyiNhloko yoPhiko lwePrivate Banking kwa-Absa uthe bayaziqhenya ngalo mncintiswano ngoba uvumbulula ithalente kwabesifazane abangosomabhizinisi uphinde ubahloniphe ngomsebenzi wabo omuhle.
Ngunyaka ka-14 kunamaRegional Business Achiever Awards (RBAA) ahlonipha abesifazane abangosomabhizinisi, abasiza umphakathi ngamabhizinisi abo, abasebenzayo ezinkampanini ezizimele nabasebenzela uhulumeni.
UNkk Langa uthe banamagatsha angu-11 eBWA inhloso yawo okungukuqhakambisa iqhaza labesifazane ekuthuthukisweni komnotho.
Abaqokiwe emkhakheni wamaCorporates ngoNksz Thulisile Galelekile ophethe ezokuxhumana nokukhangisa ebhange Ithala, Nkk Shobna Persadh ophethe ezokuxhumana kwaSouth African Breweries KwaZulu-Natal noNkk Vino Govender onguMqondisi weLA Consulting Engineers.
Emkhakheni wamaProfessionals okungabantu abasebenzela izinkampani ezinkulu noma abanezabo, kuqokwe uNkk Allison Williams onguMqondisi kwaNorton Rose Fulbright South Africa, Dkt Akashni Maharaj onendawo yakhe iBellair Psychology and Coaching Centre noNkk Zamekile Mthiyane oyisikhulu esiphezulu enkampanini iPZ Consulting.
Emkhakheni wabesifazane abasebenzela uhulumeni kuqokwe oNkk Zama Mncwabe oyisikhulu sezokuxhumana kwaTransnet Capital Projects, Nkk Winile Mntungwa ongumphathi wezemicimbi kuDurban Tourism, Nkk Vuyiwe Tsako oyisikhulu kuMasipala Ugu.
Emkhakheni wosomabhizinisi kuqokwe uNkk Zanele Dlamini weZD Project Management, Nkk Janet Channing onguMqondisi eMetGovis noNkk Hilda Walker ongumnikazi weSiyasizana Labour Consultants.
Umkhakha wabasiza umphakathi uphethe uNkk Sharon van Straaten ongumsunguli wePink Phoenix Cancer Foundation, Nkk Julie Hay onguMsunguli noMqondisi weSingakwenza Education and Health NPC, Nkk Ramona Kasavan wenhlangano egcina amantombazane esikoleni iHappy Days.
Phakathi kwabaxhase umcimbi kubalwa uSasol ongumxhasi kazwelonke, ABSA, IDC, Unilever, Women of Africa, KPMG, ne-ICC eThekwini okungabaxhasi esifundazweni.