MLUNGISI GUMEDE
U MHOLI we-DA uMnuz Mmusi Maimane uncome lowo owake wakhulumela iHhovisi likaMengameli uMnuz Mac Maharaj, wathi ukhombise ubuholi ngokuphumela obala athi wamluleka uMengameli Jacob Zuma ngokuthi kumele akhokhe ingxenye ethile ku-R246 million osetshenziswe kuqiniswa ezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.
Engxoxweni ekhethekile ne- Financial Times, uMaharaj osewasula kuhulumeni ucashunwe ethi uzithole ezikhathini eziningi kumele avikele uZuma ngodaba lwakhe neNkandla ngesikhathi esamkhulumela.
Uthe ihlandla lesibili likaZuma ehhovisi likhungethwe udaba lwaseNkandla olungafuni ukuphela, ikakhulukazi ngemuva kokuphuma kombiko kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko othe uZuma akumele akhokhe ngisho isenti ngokusetshenziswa kuka-R246 million kuthuthukiswa ezokuphepha emzini wakhe.
“Ngingasho ngithi udaba lwaseNkandlu ilona olwenze ihhovisi likaZuma labuthaka. Kusukela le ndaba isaqala ngamtshela uZuma ngathi kumele azilungiselele ukuthi akhokhe. Lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba kuphume umbiko kaMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela, ngaze ngasho ukuthi uma unenkinga, nginesiqiniseko sokuthi kukhona abangafuna ukumsiza ngenxa yesikhundla sakhe. Kodwa wathi cha, angikaze ngithi akuthuthukiswe ezokuphepha emzini wami, ngeke ngikhokhe. Ngangazi ukuthi sinenkani kanjani sobabili futhi ngibazi ubuthaka bethu sobabili. Kodwa okubalulekile ukuthi sizijwayeze umkhuba wokubhekana nezenzo zethu,” uMaharaj ucashunwe esho kanje.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uMaimane, uthe wonke umuntu ocabanga kahle ekhanda uyabona ukuthi uZuma kumele kube khona imali ayikhokhayo kwizigidi ezisetshenziswe emzini wakhe.
UMaimane uthe kuwukubukela phansi ukucabanga kwabantu bakuleli ukuthi uZuma atshele izwe ukuthi akazi lutho ngezinto ezenziwe emzini wakhe kubalwa isibaya, indawo yokubhukuda, ihhoko lezinkukhu nendawo yokungcebeleka.
“Uma esho njalo ngubani owayekhipha imiyalelo ukuthi akwenziwe okuthile ngaphandle kwakhe? Ayikho futhi le nto eshiwo izikhulu ze-ANC ukuthi izinto ezenziwe laphaya eNkandla zenziwe ngoba uZuma enguMengameli. Uma engesesiye uMengameli kuzoba ngezikabani ngoba zenziwe emzini wakhe?” usho kanje.
UMaimane uthe akekho uMengameli we-ANC kulabo abangaphambi kwakhe abake benza le nto ayenzile.
“Sizolwela ukuthi avele ngaphambi kwekomiti ukuze ezophendula yonke imibuzo esinayo ngendaba yaseNkandla,” usho kanje.
Uthe kudlalwe kakhulu ngemali yabakhokhi bentela eNkandla, kumele kube khona okhokhayo.
UMaimane uthe bayakuqaphela ukuthi izikhulu ze-ANC seziqale umkhuba wokuthi zininde abanye abantu ngobubende kodwa inyama bengayidlanga.
“UZuma uthi akazi lutho ngezinto ezenziwe emzini wakhe kodwa kukhona ngisho indawo yokungcebeleka. Ubani owayethe uyayidinga ngaphandle kwakhe? Simbonile futhi edlala lo mnqakiswano ngesikhathi izimenywa ezazisuka e-India zimenywe umndeni wakwaGupta zifikela eWaterkloof Airbase, nakhona wathi wayengazi lutho ngalolo daba. Icala lagcina selithwalwa abanye abantu. Muva nje bathi abazi ukuthi uphume kanjani kuleli uMengameli weseSudan uMnuz Omar al Bhashir obekumele aboshwe mayelana namacala okuhlukumeza amalungelo,” usho kanje.
Ethintwa izolo, uMaharaj uthe ngeke aphawule ngalolu daba akuthintwe i- Sunday Times ngoba iyona eyaziyo ukuthi utheni.