MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
I SETHENJWA somgadli eqenjini lika-Under 20, uPule Maraisane, sithi sifuna ukulandela uBenni McCarthy osahamba phambili ngokuhlohlwa kwamagoli kuBafana Bafana.
Lo mdlali, ogijima kuSecond Division ePortugal, kuTourezense, uthe naye usafuna ukudlalela iqembu elikhulu lasePortugal bese enqoba nalo iChampions League njengoba kwenza uMcCarthy ne-FC Porto.
UMaraisane oneminyaka engu-20, nobegijima kuStars of Africa Academy ngaphambi kokuya ePortugal, usanda kunqoba iCommonwealth Cup, eRussia naMajita.
Usenconywe kakhulu ngabalandeli bebhola ngisho nomqeqeshi wakhe abebehambe naye baya eRussia, uDavid Notoane, obize lo mfana osemncane ngoMessi waseNingizimu Afrika.
UNotoane uthe asikho isidingo sokuthi sincome oMessi noRonaldo bangaphandle sibe sinabo abethu emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
Lo mdlali uqokwe njengomgali ovelele njengoba ehlohle amagoli amathathu eRussia. Elokugcina ulishaye bedlala neFinland kowamanqamu benqoba ngo 2-1.
“Ngingathanda ukuthi ngifane noBenni ngelinye ilanga. Ungomunye wabadlali engikhule ngibukela kubona. Nami ngingathanda ukuthi ngibe nendondo yeChampions League kodwa ngiyazi ukuthi ukuze ngiphumelele kulokho kuzofanele ngidlalele elinye lamaqembu amakhulu ePortugal, okubalwa kuwona yona i-FC Porto neSporting Lisbon. Ngiyazi ngeke kube lula kodwa ngingathanda ukuthi ngikwenze lokho,” kusho uMaraisane.
Uthe manje amehlo abo asebheke kwiNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eCanada ngasekupheleni konyaka yabangaphansi kweminyaka engu-20.
“Ngemuva kokunqoba kwethu le midlalo ebiseRussia angingabazi ukuthi sizokwenza kahle nasemidlalweni yeCaf Youth Championship ezodlalelwa eSenegal ngoMashi. Kuzofanele silwele ukuthi siqede namaqembu amathathu azoya kwiNdebe yoMhlaba. Abantu baseNingizimu Afrika sizobenza ukuthi baziqhenye ngathi eSenegal ngoba sizoya khona nomqondo wokunqoba izindebe nokuyinto emqoka kithina njengabadlali baleli qembu,” kusho uMaraisane.
Uthe ukwazana nokudlala isikhathi eside ndawonye yikona okusize iqembu eRussia.
“Sesiyazana thina njengabadlali njengoba besisonke isikhathi eside. Bekungelula sibizwa ngezinkawu kodwa sazitshela ukuthi lapha sizele ukuzosebenza. Nokubanda kuleya ndawo bekusehlula thina. Kubonakele ngomdlalo wethu wokuqala nalapho sashaywa khona yiQatar. Kodwa ngajabula sikhuza ibuya sinikeza inkinga ababedlala nathi ngemuva kwalowo mdlalo. Lo mqhudelwano bekuyimidlalo emihle ezosisiza kakhulu ukuthi sidlondlobale kwesikwenzayo njengabadlali abasebancane.”
UNotoane uthe ikusasa lalo mdlali lihle kakhulu uma engaqhubeka nokungaziphakamisi. “Ngijabulile ngaye, uzoya kude akukho angeke akwazi ukukwenza ngoba uyazethemba. Uyaluhlakaza udonga lwabadlali basemuva esisuke sidlala nabo. Ukwenza kungabi ngumsebenzi onzima,” kusho uNotoane.