SIZWE BLOSE noZAMANDOSI CELE
BAKHALE ngokulahlekelwa endimeni yokusakaza ngokushona koqweqwe lomsakazi uMuvo Maphalala owayebizwa ngeNkanyamba yoKhozi.
UMaphalala (69), owayebuye abizwe ngoMr Brown, ushone entathakusa yayizolo ngo-2.15 esibhedlela saseManzimtoti, iKingsway.
Ushone ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside kanti ubenesifo sohlangothi.
Ukushona kwakhe kunyakazise uKhozi njengoba nasezinhlelweni zalo msakazo bekulokhu kukhulunywa ngamagalelo akhe.
Izolo Isolezwe lisemzini kaMuvo eMgababa lilandiswe yinkosikazi yakhe, uNkk Thembeni Ndlovu-Maphalala ngokugula kwakhe.
Uthe uMaphalala ubephethwe yiqolo, wahlinzwa esibhedlela esisePinetown, iCrompton nokuthe uma ephuma khona waya eNtabeni lapho ekade evocavocwa umgogodla nezinyawo.
“Kunezikhathi lapho ebengasakhulumi khona futhi izivakashi zingasavumelekile ukumbona. Okubuhlungu kukhona lapho eke wakhuluma khona ngaze nganethemba lokuthi uzolulama kanti ubese ekhuluma okokugcina,” kuchaza uNkk Maphalala.
Ngenkathi esilandisa uNkk Maphalala ubezama ngayo yonke indlela ukuziqinisa kodwa kube nesikhathi lapho ezivele zagobhoza khona izinyembezi ngenxa yobuhlungu bokushonelwa ngumyeni.
Uthe odokotela bamtshele ukuthi uMaphalala udlule emhlabeni ngenxa yesifo sohlangothi.
UWelcome “Bhodloza” Nzimande, owayengumpha-thi woKhozi, nowaqala ngosuku olulodwa emsebenzini noMaphalala ngo-1978, u-Agasti 1, ubabaze indlela uMaphalala ayewuhlonipha ngayo umsebenzi wakhe.
“Ngiphatheke kabi kakhulu ngoMaphalala, bewungeke usho ukuthi safika ngesikhathi esisodwa ngendlela abengihlonipha ngayo, ikakhulukazi uma ngimyalela ukuthi akenze okuthize,” kusho uBhodloza.
Uphinde waveza ukuthi uMaphalala ubenekhono elimangalisayo emidlalweni yomoya njengoba kunguyena owadidiyela umdlalo owabhalwa nguMorris Bhengu owaduma izindawo zonke lapho okufinyelela khona uKhozi FM obizwa ngokuthi Yiz’ Uvalo owawudume kakhulu ngabalingisi okungoSgidi noSgonondo.
Ebhonga emswaneni uBonga Mpanza ongumphathi woKhozi FM uthe bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngoba yize uMaphalala athatha umhlalaphansi ngo-2009, ubesekhona emidlalweni yomoya elekelela lapho kudingeka khona.
“Usanda kusivakashela ohlelweni lukaMroza Buthelezi, i Nethezeka noKhozi, bajabula kakhulu abalaleli abaningi ikakhulukazi njengoba agcina ebakhumbuza nangebika ababelithanda kakhulu elithi, Ngidlalele Muvo Maphalala, Ngidlalele Nkanyamba yoKhozi,” kusho uBonga.
Mayelana namalungiselelo omngcwabo uNkk Maphalala uthe basozohlangana njengamalungu omndeni banqume ukuthi uzofihlwa nini.
“Kodwa njengoba isonto lisaqala kungenzeka agcine efihlwe ngoMgqibelo (Mashi 15) khona lapha ekhaya,” kuchaza umkakhe.
UNkk Maphalala uthe uMaphalala ushiye abantwana abayisithupha, okunguSizwe, Nqobile, Maseni, Senzo, Mbali noNonhlanhla.