FANELESIBONGE BENGU
I SINGENA kweyokwethulwa kwezinhlelo inkakha yomdidiyeli womculo uRobbie Malinga ezoba nohlelo lwayo lwezingxoxo maduze.
URobbie, osezakhele igama ngokudidiyela izingoma zikaNtando Bangani, Brown Dash, DJ Sbu, Naima Kay noZahara kuthiwa kulezi zinsuku umatasa uqopha uhlelo lwezingxoxo olubizwa nge Chillas With Robbie Malinga.
Umthombo opotshozele Isolezwe uthe sekuqoshwe iziqephu ezingu-11 zohlelo kanti ezinye zizoqoshwa uma seluqalile ukubonakala kuthelevishini.
“Uhlelo kuthiwa luzokhonjiswa ku-SABC 1. Kuzoba wuhlelo olumnandi impela engicabanga ukuthi abantu bazoluthakasela. URobbie ulwenza nosomahlaya uSkhumba. Baluqophela e-car wash eseSoweto. Kufika osaziwayo abehlukene bezowasha izimoto bese exoxa nabo ngempilo yabo,” kusho umthombo ocele ligodlwe igama lawo ngoba i-SABC 1 ayikalumemezeli ngokusemthethweni uhlelo.
Uqhube wathi uSkhumba ubuza noma yini futhi ayiphendule ibe yihlaya.
“Akubhaliwe phansi ukuthi kumele babuze ini. Bakhuluma ngokufika ekhanda ngaleso sikhathi,” kuqhuba umthombo.
Uthe phakathi kwabantu abaziwayo okulindeleke ukuthi bavele kubalwa uZahara, uJabu Mahlangu (Pule) owaduma kuChiefs, uNgqongqoshe wezemiDlalo nezokuNgcebeleka kuzwelonke uFikile Mbalula nabanye.
Ngesikhathi leli phephandaba lihlangana noRobbie ngempelasonto kumaMetro FM Music Awards wale waphetha ukukhuluma ngalo.
“Akukho engingakusho,” kusho uRobbie.
Okubuye kwaqinisa izinsolo zokuthi uhlelo lusendleleni yisithombe asifaka enkundleni yokuxhumana i-Instagram lapho eme khona noSkhumba.
Wabhala ukuthi abantu abagade izinhlelo zethelevishini ngeke zisafana.
Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, uthe akazi lutho ngohlelo.