NONTUTHUKO NGUBANE
I NTOKOZO ibibhalwe ebusweni kwisilomo somfana oneminyaka eyisishiyagalolunye oshaya isiginci enikelelwa izinsimbi zokudlala ezibiza ngaphezu kuka-R37 000 yiMeya yaseMsunduzi izolo.
ULuthando Jackson ofunda uGrade 4 e-Epworth Primary, obemiswa abantu uma ezihambela ngenxa yethalente elingajwayelekile kontanga yakhe lokuncinza izimbambo zikasathane, unikwe lesi sipho yiMeya uMnuz Chris Ndlela.
ULuthando ujwayele ukudlala ezikoleni zaseMgungundlovu nasemicimbini esendaweni. Wavezwa kuthelevishini emuva kokushiya izinkumbi zabantu ababehambele umcimbi owawuseTatham Art Gallery zihlabeke umxhwele ngenxa yethalente lakhe.
Uyise, uMnuz Oupa Jackson, uthe indodana yakhe yabhalela umkhandlu weMeya yaseMsunduzi izicelela ukuba ixhaswe ngezinsimbi zokudlala ezisezingeni okubalwa nesiginci.
“Ijabule kakhulu indodana yami ithola isipho esivela kwiMeya nomkhandu wayo sika-R37 426 . Uthole isigcinci okokuqopha nekhompyutha nokunye okuningi okuzothuthukisa umculo wakhe. Ukwazile nokudlalela iMeya umculo phambi kwabanye abafundi ekhombisa ithalente lakhe,” kusho uJackson.
IMeya ithe iyaziqhenya ngethalente lalo mfana.
Elandisa Isolezwe uyise kaLuthando uthe indodana yakhe yazifundisa ukudlala isiginci.
“Wacela unina ukuba amthengele isiginci ngosuku lwakhe lokuzalwa, wayeneminyaka eyisikhombisa. Waqala lapho ukusidlala, akekho obemfundisa kodwa ubezidlalela nje. Akaculi kodwa ushaya uhlobo lomculo weClassic. Ngiyacabanga ukuthi sizomzamela ukuyodlala emicimbini emikhulu ngoba akanawo amahloni uma esedlala isiginci sakhe. Usezakhele dumo impela ngethalente lakhe ngoba abantu bahlezi bemumisa befuna ukukhuluma naye kanti nabanye abafundi bayamlandela befuna abafundise ukudlala isiginci. Ngicabanga ukuthi yithalente lakhe lokuzalwa,” kusho uJackson.
ULuthando useke wadlala eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wadlala e-Unisa nakwezinye izikole zobuciko.
Esikoleni sakhe uze wathola umfundaze wokufunda aze aphothule uGrade 7 engakhiphi ngisho nesenti. Konke lokhu bakwenze ngenxa yokubona ithalente lakhe.