NONTUTHUKO NGUBANE
UMSEBENZI wasezindlini uvume icala lokuphihliza umnakwabo ngetshe washona ‘ekhwelezela’ umyeni wakhe athi wayengasamnakile.
UNksz Hleli Linah Sibiya (40) waseSikhaleni, eNgome, uvume icala lokuphihliza umnakwabo uNksz Nosiphiwe Patricia Mashaya (45) ngo-Agasti 3 ngonyaka odlule.
UNksz Sibiya wayeshade ngokwesintu noMnuz Gcinokwakhe Ndwandwe (44) benezingane ezintathu. Umyeni wakhe ubesebenza eGoli ezimayini.
Evuma icala uthe ngo-2013 umyeni wakhe wafika nomnakwabo waseGoli esenengane eyodwa wamtshela ukuthi kumele bahlalisane ngoba bamganile bobabili.
UNksz Sibiya uthe umnakwabo wabe esemenza inhlekisa emphakathini ethi umthathele indoda nemali ihlala kuyena yonke.
“Umnakwethu ubehlala engipiklela ethi yingane yakhe eyodla lonke ifa lomyeni wami, lokho bekungicasula.
Ngashayela umyeni wami ucingo ngicela isondlo sezingane wangitshela ukuthi ngeke anginikeze ngoba ngihlukumeza unkosikazi wakhe. Ngatshela izingane zami ukuthi kumele zimqole umnakwethu ngoba inikezwa yena imali. Ngelanga lesigameko umnakwethu wangithinta ngocingo ngehora lesishiyagalombili ebusuku ecela ngimhlangabeze esitobhini ngoba kuhlwile evela edolobheni. Ngathumela izingane phambili ukuba zifike zimbambe inkunzi. Ngazilandela ngemuva.
“Wazama ukubaleka ngesikhathi zimvimbezela izingane wawa phansi. Ngathatha iselula yakhe ngayinikeza izingane zabaleka nayo.
Ngamtshela ukuthi ngifuna imali saphikisana saqala ukulwa. Wangitshela ukuthi imali isebhange.
“Ngathola enye imali kuyena ngayithatha. Ngabe sengiyamklinya ngesikhafu sami, wangiluma isandla, nami ngamluma isiphongo. Ngathatha itshe ngamphihliza ngalo ekhanda kaningi maqede ngasukuma ngamshiya lapho,” kusho uNksz Sibiya.
Waboshwa amaphoyisa ngalo ilanga lesigameko.
Uthe uyazisola kakhulu ngesenzo sakhe asenziswa yisikhwele nokudinwa.
Icala lihlehliselwe u-Ephreli 7 nonyaka ukuze agwetshwe.
Kusalindwe umbiko wosonhlalakahle ngokuthi izingane zakhe zizogadwa ubani kwazise zineminyaka engu-18, 12 nomagcino oneminyaka eyisishiyagalolunye.