CHARLES KHUZWAYO
UMSAKAZI weNewcastle Community Radio uNontobeko “Ntobe” Nene usezakhele ugazi ngokwethula uhlelo lwezindaba ezisematheni oluthi Igula Lendlela Aligcwali ngobukhulu ubuchule kulesi siteshi somphakathi. Yize esasakaze lolu hlelo unyaka owodwa kodwa useqalile ukuba ngundabamlonyeni emphakathini wasezindaweni ezisakazelwa yilo msakazo odume ngeleNCR. Amagalelo kaNtobe aseqalile nokukapakela ngaphandle njengoba engomunye wamavolontiya aqokwe kumaSouth African Volunteers Awards (Sava) azokuba seMbizo Hall, eMpangeni namuhla ngo-9 ekuseni. Emkhakheni weBest Radio Presenter uNtobe (27) wasePioneer Park, eNewcastle uqhathwe noMakhosi Maphumulo weKhwezi FM, Mzo Shembe weNanda FM noBuhlebuyeza Khumalo weMaputaland Radio. Uthe akabanqeni ozakwabo aqhathwe nabo ngoba uyazethemba ngomsebenzi awenzayo.
“Angisho ukuthi ngiyalingabaza ikhono lozakwethu futhi angibabukeli phansi ngoba ngabasakazi engibahloniphayo futhi asebeke bayiphumelela imiklomelo ehlukahlukene kodwa kulokhu bazohlanga nezimbila zithutha. Ngifuna ukubahlula bangakholwa. Ngiyazi abalandeli bami abalali, bayangivotela ngobuningi babo. Nami ngiyakhankasa, angihlezi phansi,” kuchaza le ntokazi ethi iphupho layo ukugcina seyisakazela uKhozi FM.
“Kuyiphupho lami lokugcina ngibambe iqhaza kulesi sikhondlakhondla somsakazo, ngemuva kokuthekela ulwazi kumsakazi engimkhonzile uThanda Ndlovu. Uthando lomculo wesicathamiya lugijima emithanjeni yami,” kusho uNtobe oseke wafunda izindaba. Kulo mcimbi wokumenyezelwa kwabahlabene kuzobe kunandisa uMfiliseni Magubane, Imfezemnyama, uSgwili nabanye. Izithameli zizobe zingena mahhala.
Ngeminye imininingwane ningashayela inombolo ethi: 035-450 7288 noma nivakashele ku: www.sava.wozaonline.co.za