NOKUBONGWA PHENYANE
U ZIDLISE ushevu washona owesilisa waseMelmoth, osuke eGoli wayogwaza unina wengane yakhe eneminyaka emihlanu eVryheid ngemuva kokunqaba ukumkhombisa ukuthi unayo yini iWhatsapp kwiselula yakhe. Lokhu kulandela ukumsola ngokuqoma.
UMnuz Lucky Skhumbuzo Buthelezi (30), ushonele esibhedlela KwaMagwaza ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi uyise emphuthumise khona emthola engasakhulumi ekamelweni lakhe.
Kuthiwa lokhu ukwenze ngemuva kokugwaza uNksz Phumzile Nxumalo (32), phambi kwengane yabo inxeba elilodwa washonela endlini abebeqashe kuyo.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe emuva kwalesi sigameko amaphoyisa aphume inqina ethungatha uButhelezi.
“NgoLwesihlanu wafika ekuseni lapho bekuqashe khona intombi yakhe wayithola ihlezi nezingane zayo ezimbili namanye amantombazane amabili. Wafika wangakhuluma lutho wathatha ilaptop yayo wayivula wayibheka wathatha isikhwama semali sikamufi athole kuso u-R5000 nawo wawuthatha,” kusho leli phoyisa.
Lithe ngemuva kwalokho kuthiwa wabuka umufi emehlweni wathi akamnike ucingo lwakhe ufuna ukubona ukuthi unayo yini iWhatsapp.
“Umufi wanqaba nocingo okuyilapho kuthiwa kusuke khona umsindo bexabana kwagcina ngokuthi uButhelezi akhiphe ummese agwaze uNksz Nxumalo ngenhla kwebele washona,” kuchaza leli phoyisa.
Ngemuva kokwenza lokhu kuthiwa ushaye wachitha nemali akade eseyithathile esendleleni wathumela umyalezo kuwona umakhalekhukhwini kamufi emtshela ukuthi kudala ayemkhuza ngalento ayenzayo.
Iphoyisa lithe ngesikhathi befika uNksz Nxumalo ubesevele eshonile bafonela umndeni kaButhelezi bawutshela ukuthi bayamfuna.
“Ubaba wakhe kuthe efika ekhaya wasitshela sanikela khona. Sifike esephuthunyiswe esibhedlela sahlala khona saze sathola ukuthi useshonile,” kuchaza leli phoyisa.
Uyise kaButhelezi kuthiwa ufike watshela amaphoyisa ukuthi indodana yakhe yamtshela ukuthi seyenzeni kodwa yangakhombisa ukuthi ingase izibulale.
Odokotela abahlola isidumbu kuthiwa bakuqinisekisile ukuthi umufi udle ushevu kodwa bebengakatholi ukuthi hlobo luni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe umsolwa waboshwa ngemuva kokwenza lesi sigameko.
Mayelana nezindaba zokushona kwakhe uthe bebengakezwa lutho kodwa ngisho eseshonile bayakwazi ukumthwesa icala lokubulala.
Khonamanjalo ugwetshwe izinyanga ezingu-18, eNkantolo yeMantshi, yaseVyheid umfowabo kaButhelezi, uTwice Ngobese naye owaboshwa ngemuva kokushaya intombi yakhe kubangwa iWhatsapp.
UNgobese olamanayo noButhelezi kuthiwa washaya intombi yakhe enguthisha eyisola ngokuthi iyifakeleni iWhatsapp okwagcina ngokuthi aboshwe.