MTHOKOZISI MNCUSENI
INKULUMO kamengameli weSafa, uDanny Jordaan, ayenze izolo mayelana nokuthi ngeke abe khona eGoli umqeqeshi omusha weBafana Bafana ngoMgqibelo, okuwusuku azomenyezelwa ngalo, iqinisa izinsolo zokuthi lo msebenzi ungase uthathwe ngu-Ephraim “Shakes” Mashaba ( osesithombeni).
UMashaba, osephumele kaningi obala ngokuthi usigaqele isikhundla kuBafana, ubalwa nabahamba phambili embangweni walesi sikhundla esivuleke ngokungavuselelwa kwenkontileka kaGordon Igesund.
“Uzokube engekho umqeqeshi uma sesimmemezela ngoMgqibelo. Sizokwenza isimemezelo kuphela, yena uzokube engekho,” usho kanje uJordaan kuSAPA izolo.
Uqhube wathi: “Sizomethula kahle kubantu baseNingizimu Afrika uma esekhona. Okwamanje akekho. Akukho okuningi engingakusho okwamanje.”
Abanye avelayo amagama abo lapho nguStephen Keshi waseNigeria, Carlos Queiroz wasePortugal noFrank Rijkaard waseNetherlands.
Bonke laba baqeqeshi kabaqashwe ndawo njengamanje okuyikhona okusolisayo ukuthi umsebenzi uzonikwa uMashaba.
Umbuzo omkhulu uthi, kungani ezobe engekho umqeqeshi uma esemenyezelwa ngoMgqibelo eSafa House, eNasrec, eGoli?
UMashaba, onerekhodi elixoxa indaba ukubadlula bonke abaqeqeshi asebeke baphatha isikhundla sokulolonga iBafana, akasali uma kukhulunywa ngabangase bathathe lo msebenzi wokucija elesizwe.
Naye uzokube engekho kwazise uhambe neqembu lakuleli labafana abaneminyaka engaphansi kwengu-20 lapho eyodlala khona eyobungani neBurkina Faso e-Ouagadougou, Mali eBamako, Senegal eDakhar ne-Ivory Coast e-Abijan. Uzobuya kuleli ngo-Agasti 4.
Abalandeli bebhola abaningi baseNingizimu Afrika sebekubeke kwacaca ukuthi bangakuthokozela ukuthi umqeqeshi olandelayo weBafana kube owokudabuka kuleli.
Lokhu kuphinde kwabhebhetheka kakhulu ngemuva kokuthi iGermany iwine iNdebe yoMhlaba ka-2014 eBrazil ngesonto eledlule. Abantu abaningi abebekhuluma ku-facebook no-Twitter bebelibeka ngembaba elokuthi amaJalimane awine ngoba eqeqeshwa nguJoachim Loew ongowokudabuka eGermany.