UBE sematheni kusukela ngeSonto ebusuku obungalo umcimbi wamaSouth African Music Awards. Ziningi izinto ezazenzeka khona eziholele ekutheni kugqame lo mcimbi kuTwitter kepha okuyikhona okugqame kakhulu wukungagculiseki kwabantu ngezinga lomcimbi walo nyaka. Abaningi bebekhononda ngomphathi wohlelo umculi we-hip hop uHHP (@HipHopPantsula).
Bebelibeka ngembama elokuthi akekho ezingeni lokushayela uhlelo olukhulu kangaka futhi uyehluleka wukuncokola nezihlwele nababukeli njengoba lolu hlelo belutshengiswa bukhoma ku-SABC 1. U-@Tshiwandy uze wenza ihlaya elihlanganisa ne Generations: The Legacy wathi ithenda yokuhlela lo mcimbi inikezwe i-Ezweni Communications, uMazwi useqhamuka namaqhinga okwenza uSmanga umuntu omubi. Ezinye izinto ezenzeke kulo mcimbi abantu abakhulume ngazo wukuncokola komculi wokholo uSfiso Ncwane (@SfisoNcwane) obize umkakhe u-Ayanda ngoKim Kadarshian.
Ube ngundabuzekwayo noSimphiwe Dana (@simphiwedana) bencoma indlela acule ngayo noKurt Darren kepha bakhala ngesitayela sakhe sasekhanda. Abasalanga ngaphandle abaculi be-hip hop uCassper Nyovest, KO (@mrcashtime) no-AKA nabo abebesematheni kwazise bayizimbangi kwi-hip hop.
Izihloko ezigqamile ngezithi #sama2015 #samas #samaxxi #sama21 #samusicawards #mrcashtime #skhandarepublic #backstageatsamaxxi. Ivungamise nezwe imbizo ebibuzwe yiSilo ngoMsombuluko eMoses Mabhida Stadium lapho besikhuza khona isihlava esiqubukile sokuhlaselwa kwabokufika.
Lapha kugqame izihloko ezithi #xenoimbizo #notoxenophobia #standunited #mabhida #buthelezi #mangosuthu.