NGQESHE BUTHELEZI
E MINYAKENI eminingi ngibhala ngezimoto, bekuqala ukuthi ngizithole kumele ngibhale ngezimoto ezintathu zenkampani eyodwa ezethulwe kanyekanye. Le nkanankana engizithole ngikuyo idalwe inkampani yakwaMazda Southern Africa eyethule ngesikhathi esisodwa iMazda3, Mazda 6 neMazda CX-5.
Mazda 3
Ihlukene ngezinhlobo eziyisikhombisa, kukhona enesinqe i-sedan ne-hatch enesishwapha. Sekuyi-Mazda 3 entsha sha eyakhelwe ku-chassis omusha we-Skyactiv okuwubuchwepheshe obusha bakwaMazda. Ngalobu buchwepheshe kwaMazda bathi izimoto zabo sezonga kakhulu kunakuqala kuphethroli.
Phakathi kwezinjini ezikhona ku-Mazda 3 yi-1.6 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku-77kW kanye ne-torque engu-144Nm. Ilandelwe engu-2.0 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku-121kW kanye ne-torque engu-210Nm.
Injini engu-1.6 litre iphuma no-gearbox ongu-5 speed oshintshwayo kanye nozishintshayo odonsa ngamagiya amane.
Labo abazothenga i-Mazda 3 2.0 litre bazobe behamba ngobukhosi bemoto ngoba yona idonsa ngamagiya ayisithupha. I-Mazda 3 thina esakhula ibizwa nge“sgcinci” isishintshe kakhulu manje futhi sekuyabonakala ukuthi sekuyimoto yesimanje. Ingena esigabeni esinombango oshisa phansi okukhona kuso iHyundai Elantra, Ford Focus, Toyota Corolla ne-Honda Civic. Ngaphakathi le moto ivulekile kodwa okudonse kakhulu amehlo indlela u-dashboard wayo ohlanganiswe ngayo, zonke izinto zithothene ndawonye futhi nomshayeli kuba lula ukuthi afinyelele kuzo.
Izihlalo zihlukene, kukhona isikhumba kanye nendwangu kuye ngokuthi ikusiphi isigaba. Zonke izinhlobo ziphuma nama-airbag ngaphambili nasezinhlangothini.
Okunye okukhona kuzona zonke izinhlobo, indlela edunyiswa ngayo yebhathini.
AMANANI EMAZDA 3
1.6 Original R232 900
1.6 Active R242 900
1.6 Dynamic R253 100
1.6 Dynamic Auto R256 400
2.0 Individual R293 600
2.0 Individual Auto R299 600
2.0 Astina R326 300
MAZDA 6
Ibuye sebelinyuse kakhulu izinga layo kwa-Mazda kungaselona loluya huntshu lukabhavu olwaluhamba omama abondlekile. Kulokhu isitholakala ngezinhlobo eziyisithupha ezinesinqe yase ihlukana ngezinjini ezintathu. Zisuka nje ebhandeni kukhona engu-2.0 litre esebenzisa uphetroli ekhiqiza amandla afinyelela ku-114kW kanye ne-torque engu-200Nm. Injini elandelayo engu-2.5 litre yona ikhiqiza amandla afinyelela ku-138kW ne-torque engu-250Nm. Uvala kwi-Mazda 6 ileyo engu-2.2 litre esebenzisa udizili eyi-turbodiesel enamandla angu-129kW kanye ne-torque engu-420Nm.
Ngesikhathi ngihamba ngayo ngiyibone kuyimoto enesithunzi futhi ekwenza uhlonipheke ngenxa yokuvuleka kwayo. Emabhampini akulula ukuthi uyizwe ngoba intofontofo. Izihlalo zisebenza ngamabhathini kulezo ezisesigabeni esiphezulu.
AMANANI
2.0 Active R342 000
2.0 Active Auto R358 000
2.5 Dynamique Auto R373 000
2.5 Individual Auto R399 500
2.2 DE Dynamic Auto R404 000
2.2 DE Atenza Auto R430 500
MAZDA CX5
Sekuphele iminyaka emibili ikhona kuleli kodwa namanje ayikangeni kahle ebantwini i-CX5. Ukugcina kwami ukuhamba ngayo bekunguNovemba 2013 esiqiwini iThala, eCamperdown kusekhona ebidonsa ngamasondo amabili kuphela isebenzisa uphetroli, ngaphambi kokuthi kwethulwe entsha ka-2014 enenjini engu-2.5 litre kaphetroli kanye nedonsa ngodizili i-2.2 turbodiesel. Engikuqaphelile ngentsha ukuthi isiqoqekile kodwa okuhle abakwenzile ukuthi abazange bayincishe isikhala ngaphakathi. KwaMazda bathi kungokokuqala ukuthi kube khona edonsa ngawo wonke amasondo kuleyo engu-2.2 litre.
AMANANI Ecx-5
2.0 aCTIVE FWD R316 600
2.0 Active FWD Auto R326 600
2.0 Dynamique FWD R326 600
2.2 DE Active FWD auto R375 400
2.5 Individual FWD auto R398 600
2.2 DE Akera AWD auto R456 100