FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: PEUGEOT 308 GTI
Z IZOBAJABULISA abathandi bezimoto zejubane izindaba zokuthi kwaPeugeot sebethule i-308 GTI by Peugeot Sport.
Ezibuhlungu kodwa wukuthi akucaci ukuthi izotheleka nini kuleli. Kuthiwa ingase itheleke maphakathi nonyaka ozayo.
Le moto esuselwe kwiPeugeot 308 eyethulwe kuleli ngoMashi ihlukene kabili njengoba kukhona efuqa amandla angu-182kW nefuqa amandla angu-200kw. Zombili zine-torque ka330Nm.
Lokhu kusho ukuthi ingaphezulu kweGolf 7 GTI encintisana nayo ngoba iGolf inamandla angu-162. Ngakolunye uhlangothi ikhala ngaphansi kuGolf 7 R yona engu-206kw.
Selokhu kwethulwa i-205 GTI kwaPeugeot bathi sebedayise amaGTI angaphezulu kuka-800 000.
Njengoba bekulindelekile, kwaPeugeot bathathe i-308 eyejwayelekile base beyishuna bengeza namandla. Imininingwane ephelele sizokubikela ngayo uma isifikile kuleli.
IPeugeot 308 eyejwayelekile okwamanje isahlukene njengoba kukhona i-1.2 PureTech Active, 1.2 PureTech GT Line. Ezinye izinhlobo ezimbili iGT neyi-Auto zizofika kule nyanga nangoJanuwari ngokwehlukana kwazo. Esiyikhonjisiwe futhi sathola nethuba lokuyivivinya, yi-GT Line. Ngaphandle ishuniwe. Ngaphambili ishaya ngama-fog light namaLED light akhanya ubusuku nemini, emaceleni iphicwe ngombala osiliva emawindini namakhava ezibuko bawenza aba mnyama, phansi inyathela ngamasondo ashaya ngamarimu angu-17 inch alloy (nesipele sinerimu) kuthi ngemuva ishaye ngezinqawe ezimbili.
Uma ungena ngaphakathi uyabona ukuthi yimoto yesimanje. Into yokuqala nje edonsa amehlo yisiteringi sayo esincane sengathi esemoto eyithoyizi. Lesi siteringi simnandi esandleni siqumbile, sinawo wonke amabhathini akwenza ungaphazamiseki uma ushayela njengelokunyusa umsakazo noma ukubamba ucingo futhi siyi-power steering. I-speedometer usibuka phezu kwaso ngenxa yokuthi siphansi. Lokhu kwaPeugeot bathi bafuna kugwemeke ukuthi umshayeli elokhu ehlisa ikhanda ijeqeza ukuthi uphethroli ungakanani. Lolu hlobo lwesiteringi ngiqale ukusiqaphela kwiPeugeot 208 nakwi 2008.
Okunye okudonsa amehlo yi-centre console. Uke ubone ezindlini zesimanje kunjani? Kune-tv odongeni bese kuthi ezansi kube nje netafula eline-decoder yeDStv ne-DVD. Akukho room divider. Nakule moto kunjalo-ke. Kune-screen nje esingu-9.7 inch osiciphizayo uma ufuna ukushintsha okuthile, umsakazo noma uma uxhume iselula ubheke khona izinamba nokunye. Ngezansi kunezinkinobho nje ezine okukhona kuzo eyama-hazard neyokukhiya.
Izihlalo zishaya ngezitishi ezibomvu futhi ziyakubamba, ungaze uzitshele ukuthi ama-bucket seat nesiteringi sinezitishi.
Ephuma nakho amawindi kagesi, air conditioning, izipikha eziyisithupha zomsakazo odlala iFM/AM, CD, USB ne-Aux neBluetooth. Ine-cruise control ne-speed limiter.
Izinjini namandla
IPeugeot 308 okuyimoto yonyaka ka-2014 e-Europe igabe ngenjini entsha eyi-PureTech. Le njini eyi- three-cylinder bathi inamandla, iyalondoloza futhi ikhipha isisi esincane esingcolisa umoya. I-Active ishaya nge-1.2 PureTech e-THP 110 ekhahlela amandla angu-81KW ne-torque ka-205Nm. Inamagiya amahlanu aya phambili ashintshwayo.
Ukufika ejubaneni lika100km/h kuyithatha imizuzwana engu-11.1 kanti ijubane layo eliphezulu ngu-188km/h. Bathi isebenzisa amalitha angu-4.6 ngebanga lika-100km. I-GT Line bayigaxe injini eyi-1.2 PureTech eTHP 130 efuqa amandla angu-96 KW ne-torque ka-240Nm. Inamagiya ayisithupha aya phambili. Ukufika ejubaneni lika-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-9.6 kanti ijubane layo eliphezulu ngu-207.km/h. Ngebanga lika-100km iphuza amalitha angu-4.8 kaphethroli. Ngakwezokuphepha iphuma ne-ABS anti-lock control, electronic brake force distribution ne-emergency braking assistance. Uma usentabeni ayihlehli ngaphambi kokuthi usuke ngosizo lwe-hill start assist.
Amanani
Peugeot 208 1.2 PureTech Active R275 900
Peugeot 308 1.2 PureTech GT Line R329 900
Iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu uma ingakalihlanganisi ibanga lika-100 000km, i service plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-60 000km ne-roadside assistance yeminyaka emithathu uma ingakalihlanganisi ibanga lika-100 000km.