MBONGISENI BUTHELEZI noZAKHELE XABA
UMGADLI weMoroka Swallows, uSiyabonga Nomvete (osesithombeni), uthi abalandeli beqembu ababeke amathemba abo kubadlali beZinyoni ngoba bazolisiza ukuthi lisinde ezembeni.
UNomvete ushaye igoli ngesikhathi ezakhe zibambana ne-Orlando Pirates ngo 1-1 emdlalweni we-Absa Premiership, e-Orlando Stadium, eSoweto ngoLwesithathu ebusuku. ElePirates lishaywe nguLehlohonolo Majoro osefomini kulezi zinsuku.
“Abalandeli ababeke ithemba kithina, sizolisiza iqembu ukuthi libalekele izembe kule sizini. Uma sikhuluma iqiniso isizini asiyiqalanga neze kahle,” kusho uNomvete.
Lo mgadli ongomunye wabadlali abadala ku-Absa Premiership, weseke umqeqeshi wakhe uFani Madida othathe izintambo ngemuva kokushiya kukaZeca Marques wathi kumele aqhubeke nokuqeqesha iqembu.
“Umfanele kakhulu lo msebenzi wokuqeqesha iSwallows. Uyayazi into ayenzayo into esishoda ukuthi abadlali benze izinto ngendlela yakhe ngokuphelele ngoba bebengakakwenzi lokho,” kusho uNomvete.
Uthe bazoya emdlalweni olandelayo eThekweni lapho bezobhekana khona naMaZulu benokukhulu ukuzethemba. Umdlalo useMoses Mabhida Stadium, kusasa ngo-6 ntambama. UNomvete uthe ujabulile ngegoli lakhe.
“Bese nginesikhathi ngagcina ukushaya igoli, ngijabulile kakhulu ngokuthi ngilishaye namuhla. Ngingathanda ukuthi ngiqhubeke nokushaya amagoli. Umdlalo wethu olandelayo eThekwini kuzofanele siwunqobe nakanjani.”
UMadida okhale ngabadlali bakhe uLerato Chabangu noLefa Tsutsulupa ukuthi bangene bangawenza umehluko. Uthe bazosebenzisa iwindi lokusayinisa abadlali ngenyanga ezayo ukuthi baqinise iqembu.
“Sisakhuluma nabaphathi beqembu ukuthi ngobani abadlali okufanele sibathenge,” kusho uMadida.
“Bangenile bangenza mehluko emdlaweni, lokho kusho ukuthi sekufanele ngibheke abanye abadlali. Nokho angisho ukuthi sekuphelile ngabo.”
Umdlali wasesiswini waMaZulu, uNkosinathi Mthiyane, uthe akukho abakubhekile ngaphandle kokuya emaholidini benamaphuzu angu-12. Usuthu, olusemsileni we-log, lusanqobe umdlalo owodwa kusukela kuqale isizini ka-2014/2015. Lunamaphuzu ayisishiyagalolunye.
“Nakanjani kufanele siwunqobe umdlalo weSwallows ukuze sizoya emaholidini sesilinciphisile igebe lamaphuzu. Lokho kuzosisiza ukuthi sihambe sinethemba lokushintsha kwezinto,” kusho uMthiyane owayegijima kuThanda Royal Zulu.
“Kubalulekile ukuthi singangenelwa amagoli ngoba kusibeka ethubeni lokuthi sithole iphuzu noma siwunqobe umdlalo. Kuyasikhuthaza kakhulu ukuthi awasangeni kakhulu amagoli ngakithi.”
Maphakathi nesonto AmaZulu aphunyukwe yiqatha emlonyeni edlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Ajax Cape Town, eKapa ekubeni ekade esehamba phambili.