INTATHELI YESOLEZWE
K UNGAKAPHOLI maseko usomahlaya uTrevor Noah eqophe umlando ngokumenyezelwa njengomethuli omusha wohlelo lwethelevishini lwase-USA i The Daily Show, abantu bakhwele badilika kuyena bemgxeka ngokucwasa ngokwebala, ubuzwe nangokobulili.
Iphephandaba laseNew York, iNew York Times izolo libike ukuthi ababukeli balolu hlelo ngesikhathi befuna ukwazi kabanzi ngalo somahlaya bapequlule imibhalo yakhe kuTwitter abathi iyalumela kwabesifazane namaJuda.
NgoMsombuluko isiteshi sethelevishini iComedy Central simemezele ukuthi uNoah (31) uqokelwe ukuvala isikhala sikaJon Stewart uma eseshenxa esikhundleni sokwethula i The Daily Show, okuwuhlelo lwamahlaya ngezindaba ezisematheni.
Yize uNoah eseke wanandisa emazweni ehlukene emhlabeni kodwa akadumile e-USA futhi useke wavela kathathu kulolu hlelo njengomsizi.
KuTwitter lapho esebe nekhasi kusukela ngo-2009 futhi wazuza abalandeli abangaphezulu kuka-2 million, uNoah uhlale njalo ebhala izinto ezingathi shu eziveza uthando lwakhe ngezamasiko, ipolitiki yamazwe omhlaba nezindaba zezobuhlanga.
Bathi ezintweni eziningi azibhalile uNoah ubonakala edelela abesifazane.
Ngo-2011 wathi: “Nazo-ke yimpelasonto. Abantu bazodakwa bacabange ukuthi nginomzimba ohehayo!” okuwumbhalo athi usuka kwabesifazane abakhuluphele.
Ngomunye umbhalo nyakenye uphendula omunye obhale ukuthi, “Uma owesifazane ethandwa kahle, uba ngcono ka-10 kunomuntu wesifazane abekade enguye.” Lapho uNoah aphendule khona ngokuthi: “Kusho ukuthi uyakhuluphala?”
Uke wenza ihlaya futhi ngamaJuda nange-Israel.
Ngo-2009 wathi: “Sengicishe ngashayisa ingane yomJuda ebiwela umgwaqo. Ayizange iqalaze ngaphambi kokuwela kodwa bengizophatheka kabi ngemoto yami yaseGermany!”
Komunye umbhalo ngo-2010 ubhuqe wathi: “Abantu baseNingizimu Afrika bayakwazi ukusebenzisa izinto kabusha njengabantu bakwa-Israel bekwazi ukuba nokuthula.”
UJamie Weinstein, ongumhleli omkhulu weThe Daily Caller, ubhale ukuthi lo mbhalo kaNoah “uveza ukuthi ukholelwa ekutheni i-Israel izokhungathwa yizimpi ingunaphakade.”
UWeinstein ubhale ukuthi lokhu kunobungozi kwazise abantu abaningi abayibuki iDaily Show ngoba befuna ukuhleka kodwa basuke befuna ukuthola izindaba.
Uthe uhlelo lushintsha indlela ababuka ngayo izinto.
Abanye bebecabanga ukuthi imibhalo kaNoah ayihlekisi.
Abanye bathe usenze ihlaya ngabantu base-USA, abaseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe.
Ngesikhathi omunye umlandeli embhalela ngo-Okthoba nyakenye emcela ukuthi eze eTexas, uNoah wamphendula wathi, “Kodwa usunayo i-Ebola?”
Kujwayelekile ukuthi osomahlaya bagxekwe ngezinto abazibhalayo.
UNoah ukhombise ukuthi useyazi ngomsindo okhona ngemibhalo yakhe kanti ubhale ukuthi: “ITwitter ayinawo amagama anele okuphendula bonke abantu abakuTwitter.”
Lo mbhalo ucishiwe ngokuhamba kwesikhathi.
Abakhulumela iComedy Central abatholakalanga ukuphawula.