MLUNGISI GUMEDE noCELANI SIKHAKHANE
B AWUSHAYE indiva baqhubeka nokuzihlalela abantu basoLundi abebeyalelwe wuMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ukuthi baphume baphele ezindlini ezindala okwakungezongqongqoshe bakahulumeni waKwaZulu.
UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal oholwa nguMnuz Ravi Pillay ngenyanga edlule ukhiphe izincwadi eziyalela abantu abahlala kulezi zindlu ezikwa-A, oLundi ukuthi baphume kuzo ngoLwesihlanu (Okthoba 17) ukuze zilungiselwe uMnyango wezeMpilo ohlela ukuhlalisa odokotela abasebenza emakhaya.
Ithimba le Solezwe lifike kule mizi ngoMgqibelo abantu bezihlalele bengazi nokuthi lidumephi, kweminye yayo bekunezingane ebezizidlalela ibhola egcekeni kumnandi zingazi nanyaka kanti abanye bebezibukela i Big Brother Africa bengafuni nokuyikhuluma eyokukhishwa ngoba bethi abanayo eminye imizi ngaphandle kwalena.
Omunye wemizi ehanjelwe yithimba laleli phephandaba kwakungokaMntwana uLG Dlamini owabe enguyise weNkosi yaseNhlangwini uMntwana uMelizwe Dlamini.
UMnuz Njabulo Shabalala ongumzukulu kaMntwana uDlamini, uthe selokhu bahlala bebancane kule ndlu kanti nama-rates bawakhokhela kahle kodwa uhulumeni nomasipala bebengabahluphi, yingakho bexakeka ukuthi yini lena esikhona manje.
“Ngonyaka odlule basitshele ukuthi bazozifaka endalini lezi zindlu ngakho kumele siphume kuzo. Lokho kusethusile kodwa bese sizimisele ukuthi okungenani nathi sizobhida sibone ukuthi siyakwazi yini ukubhekana nenani abebezolidayisa ngazo kodwa manje sebethi asiphume bazinika odokotela. Bathi asiyephi ngoba asinazo izindawo zokuhlala ngaphandle kwalezi zindlu,” kubuza uShabalala.
Kwenye indlu okwakungekaMnuz David Ntombela we-IFP ngesikhathi esengungqongqoshe, kuhlala umndeni wakwaZulu, eyeNkosi yakwaZashuke uMfu Nyanga Ngubane ongasekho nakhona kunabahlala khona.
Kwenye kuhlala umndeni wesishoshovu sePAC uMnuz Abednigo Ngcobo ongasekho.
UNgcobo kuthiwa yena wayinikwa uhulumeni ebuya ekudingisweni kanti seyahlala umkakhe uNkk Lauretta Ngcobo owashaywa isifo sohlangothi.
Kukhona neyenkosi yakwaBiyela nayo ehlala izingane zayo nonkosikazi kanti abazukulu bayo nezingane bebebuka i Big Brother Africa bengafuni nokuyizwa eyokuxoshwa.
Awukho nowodwa umuzi obekubekwe ifenisha noma impahla ngaphandle ekhombisa ukuthutha.
UMnuz Sbu Nkwanyana we-IFP obehambele kulezi zindlu, uthe okubaxakayo ukuthi kukhona eziseMelmoth ezazihlala abelungu ababekuhulumeni kodwa sezithathwe osomatekisi wathi kungani umnyango ungasho lutho ngazo.
Uthe odokotela banezindlu zabo abakhelwe zona ngaphakathi ezibhedlela ngakho bayaxakeka uma sekuthiwa bazohlala kwa-A oLundi kulezi zindlu.
Lezi zindlu zasala dengwane kanti manje zisesimeni esithusayo ezinye njengoba ziqhekeka.
EyeSilo samabandla iyona elungisiwe okuthiwa ilala izivakashi zaso kanti yenziwa kabusha ngesikhathi kwakuzoba nomgcagco kaNdlunkulu uKaMafu.
Abantu bakhala ngokuthi uma uhulumeni exosha abantu endaweni ubazamela enye yokuhlala kodwa bona alulandelwanga lolo hlelo.
NgoLwesihlanu bekunomhlangano obuhanjelwe amalungu ekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu esiShayamthetho osekuyiwo azodlulisa udaba ezithebeni zesiShayamthetho ukuze luxoxwe khona.
Okhulumela uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi uMnuz Mbulelo Baloyi, uthe bebelindele ukuthi le mindeni ihambise okhiye ngoLwesihlanu kodwa kwangenzeka.
“Ithimba labameli bethu lizohlangana nehhovisi lomshushisi omkhulu lilubhunge lolu daba, thina sizothatha isinqumo ngokumele kwenzeke kusukela kulokho esizobe silulekwe ngakho abameli bethu,” kusho uBaloyi.
Uthe le mindeni isifana nabantu abakulezi zindlu ngokungemthetho ngoba ayiyilandeli imiyalelo.
“Sizoqhubeka sixoxisana nayo le mindeni ngoba asifuni kube ngathi kukhona ukubhekana ngeziqu zamehlo nayo,” kuphetha uBaloyi.