SIZWE BLOSE
UMA sikhohlisana siyaye sithi abantu bayalingana, iqiniso wukuthi kabasoze balingana.
Ngike ngaba nengxoxo nesinye sezikhulu zeGagasi FM, angikubeke kucace ukuthi asivamisile ukuvumelana nale nsizwa kodwa kulolu daba lokungalingani sivumelene.
Ngaphambi kokuthi singene ekungalinganeni kwabasakazi, ake sibheke kwezomthetho, kunabantu abakholelwa ekutheni uma unemali akulula ukuthi uboshwe, noma uvalelwa kodwa uyaye uhlale isikhathi esincane ejele.
Nasemsakazweni abantu kabalingani, ngizozibeka nezizathu ezenza ukuthi nabasakazi bangaphathwa ngendlela efanayo.
Uma singaya kwiMetro FM, ngeke uthathe uGlen Lewis umfanise nanoma yimuphi umsakazi, ngiyazi lokhu kudala impakamo kwabanye abasakazi.
UGlen njengoba ethula uhlelo lwasekuseni no-Unathi Msengane, kepha abantu abafisa ukuphusha imikhiqizo yabo ngasohlangothini lwezikhangiso bacabanga ngoGlen.
Isibalo esikhulu sabalaleli bomsakazo usithola ekuseni.
Lokhu kusho ukuthi kunabasakazi abaningi abaholelwa wuhlelo lukaGlen, naye akubanga yiphutha ukuthi agcine ekulolu hlelo. Usekuseni ngenxa yamagalelo akhe kwezokusakaza kanti nomsakazo uyakholelwa kuyena nekhono lakhe.
Uhlelo lwasekuseni akulona elokuthatha nanoma ngubani uthi akalwethule, uthatha umuntu obonayo ukuthi abezikhangiso bazomemukela kahle kanti nabalaleli bazifele ngaye.
Phela uhlelo lokwenza imali lolu njengoba kusuke kulindelwe ukuthi abezikhangiso babangisane ngalo ngokwazi ukuthi kunabantu abaningi abalalele.
Yingakho ngithi abasakazi behlangene ngeke ubabeke ezingeni elilodwa.
Ngicabanga ukuthi yilesi sizathu esenza kube nomsindo uma uhlelo lwasekuseni lunikwa noma yimuphi umsakazi.
Lowo muntu kumele abe yintandokazi hhayi yabalaleli kuphela kodwa nabamabhizinisi okuyibona abafaka imali.
Uhlelo olufana nolwasekuseni emsakazweni yilolu lwantambama, uma ngibuyela kwiMetro FM, uhlelo lwabo lethulwa uTbo Touch naye oyisilomo.
Konke lokhu kuze kwenze nenkontileka yalaba basakazi ingafani neyabanye.
Isibonelo uGlen akasebenzi ngeholidi kodwa abanye abasakazi basuke bekhona.
Nakhona futhi isikhala sakhe awusivali ngomsakazana nje, bona bayaye balande uDJ Sbu ngoba bazi kahle ukuthi abamabhizinisi abamxwayi kanti nabalaleli bayamthanda.
Kuphoqelekile nje ukuthi umsakazo ujabulise izinhlangothi ezimbili zomphakathi, owamabhizinisi nabalaleli.
Kuzo zonke izinqumo ezithathwa wumsakazo osile, emqondweni zisuke zikhona zombili lezi zinhlangothi.
Ngeke kuwusebenzele ngalutho umsakazo ukuba nenqwaba yabalaleli kodwa abangenawo amandla okuthenga.
Omunye uzothi ukuthengani, phela le mikhiqizo kumbe izikhangiso ezizwakala emsakazweni azidlalelwa ubumnandi kodwa kusuke kufunwa ukuthi ulalele bese uyothenga.
Konke okuphathelene nokwabezindaba kumiswa yizikhangiso.
Yingakho uthola umsakazo onabalaleli abangahlangisi ngisho u-2 million kodwa uthole ukuthi unezikhangiso eziyinqwaba, lokhu kudalwa yizinga labantu abalalela lowo msakazo.
Ngaphandle kokuhlukanisa abantu, kunabathi uma belalele izikhangiso babe nesifiso sokuthenga lowo mkhiqizo okukhulunywa ngawo kodwa kushode amandla.
Kukhona nalabo abathi uma belalele umsakazo baye lapho okuthiwa kutholakala khona umkhiqizo beyozizwela.
Abanye osomabhizinisi bayaye babuze ukuthi uzwephi ngalo mkhiqizo wabo.
Elami lithi osomabhizinisi bathanda ukuphusha kakhulu ohlelweni lwasekuseni nolwantambama.
Yingakho ngithi akulula ukufanisa uGlen, Bob Mabena, DJ Fresh, Tbo Touch, Just Ice, Ernest Pillay nanoma yimuphi umsakazi.