CELANI SIKHAKHANE
INYUNYANA yamalungu ombutho wezokuVikela kuleli, iSouth African National Defence Union (Sandu) iyaziqhelelanisa nokumangalelwa kweSilo samaBandla ngodlame olubhekiswe kwabokufika oluqhubeka ezingxenyeni zaKwaZulu-Natal okwenziwe obengumgqugquzeli wayo uMnuz Timothy Flack.
UFlack ufake isimangalo kwiKhomishini yamaLungelo Abantu esola iSilo ngenkulumo yaso yokuba kuxoshwe abokufika.
UFlack uthe le nkulumo inodlame futhi ihlukumeza amalungelo abantu akuMthetho-sisekelo.
UNobhala weSandu, u-Advocate Pikkie Greef, uthe isenzo sikaFlack asihlangene nabo kodwa ubezenzela ngokwesiqu sakhe.
“Sifisa ukuqondisa imibiko esisabalele kwabezindaba ukuthi le nyunyana imangalele iSilo uZwelithini okuyinto engelona iqiniso ngoba uFlack ukwenze lokhu njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika hhayi njengomsebenzi weSandu,” kusho uGreef.
Izolo uFlack uthe akajiki esinqumeni sakhe sokumangalela iSilo ngoba unabo bonke ubufakazi obufungelwe ngenkulumo yaso esayikhuluma oPhongolo.
“Uma iKhomishini yamaLungelo Abantu ihluleka ukwenza ubulungiswa ngizoluthatha lolu daba ngiluyise eNkantolo yezokuLingana. Ngithathe lesi sinqumo ngoba ngibona ukuthi ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana akusizi ngalutho kodwa kumele kube khona okwenziwayo ngale nto,” kusho uFlack.
Kwenzeka lokhu nje sekunenhlangano eholwa uMnuz Phumlani Mfeka iSigungu seNtsha yamaZulu ebhalele iKhomishini yamaLungelo iyiphoqa ukuthi ihoxise wonke amacala abhekiswe eSilweni ngoba lokhu kuzosusa olunye udungunyane ekubeni isimo simanzonzo .
Izolo uNksz Lindiwe Dlamini weKhomishini yamaLungelo Abantu KwaZulu-Natal, uthe ucela kuthintwe umkhulumeli kazwelonke uMnuz Isaac Mangena ukuze aphawule kodwa akatholakalanga ocingweni lwakhe nasehhovisi kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
I-DA ngomlomo kaNksz Phumzile Van Damme nayo iphumele obala yagxeka ngokungaphezi iSilo ngenkulumo yaso ikhala nangokuthi sikhombise ukungabi nanembeza ngokuthi singasho lutho ekubeni abantu bebulawa futhi asiyi ngisho lapho bebhaciswe khona.