MCEBO MPUNGOSE
USUPHELILE umncintiswano wama- Idols SA ka-11 onqotshwe nguKarabo Mogane (24) waseMbombela eMpumalanga. Kube nenhlokomo eCarnival City eGoli kunqoba le nsizwa futhi ngiyacabanga ukuthi kujatshulwe kakhulu eMpumalanga okuyindawo azalelwe kuyo.
Ukunqoba kwakhe nokho kwenze ngadumala kancane ngomncintiswano wama- Idols. Akukapheli minyaka emingaki kunqobe enye insizwa yaseMpumalanga, uMusa Sukwene njengoba sekulandela uKarabo nje. Phakathi kwabo kunoVincent Bones, waseMgungundlovu KwaZulu-Natal. Kowamanqamu unandisile uBones ehambisana noKwesta eshaya amaculo cishe abantu abaningi abangawazi.
Kungidabukisile ukubona uVincent Bones enandisa kulo mcimbi ejatshulelwa yidlanzana labantu nokucacisile ukuthi noma enqobile ngonyaka odlule abaningi bese bemkhohliwe ngenxa yokungazwakali komculo wakhe. Lokhu kungifikisele ngombuzo wokuthi ngabe nonyaka uzolandela ezinyathelweni zakhe yini ozonqoba lo mncintiswano? Ngabe uKarabo Mogane sizombona ezama ukwenza abantu bathande iculo lakhe abangalazi emcimbini wamanqamu kulo mncintiswano ngonyaka ozayo? Sesibone ama- Idols amaningi athembisayo futhi asuke enqobe lo mncintiswano ngoba enekhono. Inkinga ngalo mncintiswano wukuthi awuhlukile nesitolo esikhiqiza ukudla okusheshayo, amaFast Food restaurants.
Lokhu kudla ukuthola emizuzwini engu-10 kuya kwengu 15, kufike omunye naye athole okwakhe esikhathini esifanayo, ahambe.
Uma uzodla ukudla kwase-KFC, McDonalds noma eChicken Licken, ukujabulela ngaleso sikhathi, kudlule usuyoze ukubone ngelinye ilanga futhi usufuna into esheshayo.
Uma uzodla endaweni yokudlela ezimele edume ngokudla okumnandi okuthatha isikhathi ukuthi kuphekwe, isikhathi esiningi uyayikhumbula leyo ndawo, ubuntofontofo bayo, nokudla owakudla khona.
Uze utshele abangani nomndeni wakho ngayo uthi kusazomele bazikhiphele kuyona uma benesikhathi. Awubatsheli ukuthi kusazomele bazikhiphele e-KFC. Lokhu ngikusho ngendlela efanayo nokuthi abaculi abaningi abakhiqizwa umncintiswano wama- Idols, kunento eyenza ukuthi iningi labo lingadayiseki kalula. Leyo nto idalwa wukuthi siyazi ukuthi minyaka yonke kuza omunye vele ozokwenza into efanayo kuvotwe aze ayonqoba. Kumanje sezimenyezelwe izinsuku zomjikelezo wenhlolokhono yama- Idols lapho kuqoqwa khona abaculi abazoya eSun City. Kuzoqala ngoJanuwari 30 ngo-2016. Lokho kuchaza ukuthi abalandeli banesikhathi esingaphezudlwana kwezinyanga ezimbili ngaphambi kokuthi iphinde iqale phansi yonke le nto ebiyenzeka futhi engase ibenze bakhohlwe kalula uMogane.
Mhlawumbe ukuguqulwa kwezinto njengokuthi i-albhamu yakhe izophuma emva kwamasonto amabili kungase kumsebenzele. Kodwa abantu asebemnkantshubomvu endimeni yomculo bangasho ukuthi lesi isikhathi esifushane kakhulu ukuthi aqophe uju lwe-albhamu ezohambisana nephimbo lakhe. Akukho ukungabaza kodwa ukuthi uma ezokhipha umculo ozothakaselwa abantu abaningi kulawa masonto amabili anawo, angase ashintshe indlela abantu abamukela ngayo umculo wama- Idols.