ZANELE MTHETHWA
‘ W AMUHLE mntanomuntu yayinhle’ ingane yabantu. Mayehleka nje amazinyo uthotho, mayethuli izihlathi zigcwel’ uthando kodwa mayebheke le indlovu isithela.”
Le ngoma yeSoul Brothers ikubeka ngokusobala ukuthi intombi ingaba yinhle kodwa isuke ingaphelele uma inesishwapha. Ongoti nabacwaningi bayakufakazela ukuthi abesilisa bayazifela ngezinqe ezintokazini. Like laba sematheni igama “lomapakisha” okubizwa ngalo izintokazi ezidudule.
UNksz Nokuzola Dudeni oyiPsychologist uyavuma ukuthi ngokososayensi, impela abesilisa bayazifela ngezinqe. Yize ethi ucwaningo alucacisi ukuthi yini eyenza bazithande kangaka kodwa kuyehlukana ngokobuhlanga. Uthe abesilisa abathandi izinqe kuphela kodwa bathanda namathanga amakhulu.
“Kuyasoleka ukuthi nendlela okhuliswe ngayo inomthelela wokuthi ugcine uthanda abesifazane abawuhlobo oluthize. Ngisho okhokho bethu babethanda abesifazane abanezinqe,” echaza.
Ulinganise ngomkhuba wasendulo lapho insizwa yayicela intombi ukuba ishikile ukuze ibone izinqe.
“Ngisho owesifazane emncane ngomzimba kodwa indoda ithanda sengathi angaba nezinyama kwesingezansi, abe nama-hips. Bayawathanda namabele amakhulu ngoba nangokwasendulo amabele abehambisana nobuhle bomzimba wentombi okuyinto ehlukile kubelungu abakubona kuyihlazo ukuveza amabele,” usho kanje.
UNksz Dudeni uthe abomdabu waseNdiya kuvela ukuthi bahehwa ngabesifazane abancane ngomzimba futhi abanendaba nezinqe. Uthe abesilisa babelungu bacabanga ngenye indlela njengoba bezithandela izishwapha okuyinto vele ejwayelekile kwabesifazane basentshonalanga.
Ngokomphumela wocwaningo olwenziwe yi-University of Texas olushicilelwe kwi- Evolution and Human Behaviours Journal, kuyavela ukuthi akubona abase-Afrika kuphela abathanda izinqe.
Kuvela ukuthi iningi labesilisa linenkolelo yokuthi owesifazane opakishile unamathuba amaningi enzalo futhi kuvusa imizwa ukubamba umzimba wakhe.
Usaziwayo wakuleli uBoity Thulo uke waba sematheni emuva kokusabalala kwezithombe zakhe enqunu. Abesilisa babencoma izinqe zakhe. Ube sematheni uMatshidiso (Buhle Samuels) ku Muvhango, abanye abasakungabaza ukuthi ngezakhe ngempela izinqe anazo.
Nasezitolo zingenisile izimpahla zabesifazane zangaphansi ezikhukhumaliswe ngemuva ezenza kubonakale sengathi unezinqe uma uzigqokile.
ULuyanda Mkhize oyiPersonal Trainer ezimele uthi ukuzivocavoca kuyakwazi ukwakha izinqe zowesifazane ngisho enesishwapha.
Uthe ukwenza ama-squat (ukuqoshama ubuye uphakame) nama-lunges (ukunyakazisa izinqe ugobise amadolo) kuyazakha izinqe. Lokhu kumele ukwenze nsuku zonke okungenani imizuzu engu-20.