MHLENGI SHANGASE
Y IZE ezothweswa iziqu zesithathu kodwa unogada osebenza eNyuvesi yaseZululand, oNgoye, akakawutholi umsebenzi awufundele.
UNksz Ntombi Mathe (43) waseNtambanana, eMpangeni, usebenze kanzima engalali emini efunda ebusuku ukuze athole iziqu zeHonours.
Uthe indodana yokuqala yakhe ngomunye wabantu abebemgqugquzela ukuthi aqhubeke afunde njengoba nayo yenza iziqu zesibili kule nyuvesi.
UNksz Mathe uqale ukuthwala iziqu zePublic Administration ngo-2011 kule nyuvesi, kuleli sonto uthole ezesibili okuyiHigher Diploma in Community Work kanti ngoLwesihlanu uzothola ezeHonours kwiPublic Administration kuyona le nyuvesi.
Kumanje wenza iziqu zeMasters kwiCommunity Work kuyona le nyuvesi.
Echaza ngokufunda kwakhe, uthe uphothule u-matric ngo-1994, ngonyaka olandelayo wabambela omunye wothisha owayeyobeletha wafundisa esikoleni samabanga aphansi.
Uthe ngo-2003 kuya ku-2005 usebenze eshaya ithili kwaShoprite, eMpangeni wenza izifundo zokuthunga ngo-2006 kwathi ngo-2007 waqashwa oNgoye njengonogada. “Ngenze iziqu zami zokuqala ngo-2008 ngoba bengivele ngifisa ukuba neziqu hhayi ezizodwa kodwa eziningi. Ngisasebenza njengonogada enyuvesi ngoba ngisafuna umsebenzi, ngiyazifaka izicelo kodwa akulungi. Bengifunda ngoxhaso lwesikhwama esixhasa abafundi ngezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme,” usho kanje.
Uthe ubeke ashayisane nengane yakhe endala esiyenza iziqu zesibili, iyofunda ekilasini abefunda kulona.
“Ibingigqugquzela ingitshela ukuthi ngingayeki ngingabanga wudokotela. Besike siphambane ekilasini ithi iphuma mina ngibe ngingena ngiyofunda ngoba imfundo yinto engiyithandayo,” usho kanje.
Uthe ubephila ngeziphuzo ezinikana umdlandla ngoba kwesinye isikhathi uma engena ebusuku ubefunda imini yonke.
“Bekuthi uma ngingena ebusuku, emini yonke ngiyafunda ngishaya ilala vuka. Uma ngingena emini ngizophuma ebusuku bengiqala ngokufunda ekuseni ngaphambi kokuba ngizongena. Uma ngingena ekuseni ngiphuma emini bengifunda uma sengiqede umsebenzi yize bekunzima kodwa ukubekezela kuthele izithelo,” usho kanje.
UNksz Mathe uthe uma esephothule iziqu zeMasters uzokwenza ezobudokotela kulo mkhakha wathi angathanda ukuba ngumphathi wenye yezinkampani ngomuso.
Ubonge umndeni wakhe obunakekela izingane zakhe uma ematasa efunda engenaso isikhathi sokuhlala nazo.