MINENHLE MKHIZE
UGAQELWE ngamaqembu aphesheya umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund ophelelwa yinkontileka neqembu lesizwe njengoba eveze ukuthi kunamaqembu angaphandle nawaseNingizimu Afrika aseke amthinta ebuza ngekusasa lakhe.
Ikusasa lika-Igesund kuBafana lisengcupheni ngoba uhlulekile wukufeza izimfuno zabaphathi beSafa abebemqashele ukuthi afake elakuleli eNdebeni yoMhlaba eBrazil nokuthi afinyelele kowamanqamu e-Africa Cup of Nations nawe-African Nations Championship (Chan).
“Angiziboni ngibuyela kuSwallows uma iSafa igcina inganginikanga inkontileka entsha ngoba kuke kwavela amathuba emazweni afana neQatar, Saudi Arabia nase-Egypt lapho amaqembu akhona ebengibuza ukuthi ngimi kanjani. Angithandi ukuhamba eNingizimu Afrika kodwa sizobona ukuthi kwenzekani. Inkontileka yami neSafa iphela ngo-Agasti futhi nginezinhlelo ezinkulu ngeBafana. Umengameli (uDanny Jordan) ushilo ukuthi kuzothi kushaya u-Agasti kube sekucacile ukuthi ngiyahlala noma baqasha umqeqeshi omusha yini,” kusho u-Igesund.
Emasotweni edlule u-Igesund ubekhonjwa kuMoroka Swallows engenzi kahle kule sizini njengoba ilwela ukuvika izembe. Kumasizini amabili edlule uGordon wahlulwa yisicoco seligi ngosuku lokugcina ecija iZinyoni.
“La maqembu aseQatar nase-Saudi Arabia akakaze abeke okuthile kodwa abengibuza ukuthi ngimi kanjani. Nalapha ekhaya akhona amaqembu ake angibuza ukuthi ngimi kanjani kodwa hhayi ukuthi asebeke okuthile etafuleni,” kusho u-Igesund.
UCarlos Queiroz opheka iqembu lesizwe lase-Iran uhamba phambili kwabangase bathathe isikhundla sokulolonga iBafana.
“Ngeke ngililawule ikusasa lami kodwa iSafa ezokwenza lokho. Sizohlala phansi nabo babhekene indlela engenze ngayo bese bethatha isinqumo. Sengihlale eqenjini lesizwe izinyanga ezingu-18. Uma bethatha isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yami ngeke ngibambele muntu igqubu. Into ebalulekile wukuthi sibeke izwe phambili. IBafana idinga umqeqeshi ozonikwa isikhathi esanele sokwenza umsebenzi. Lapha ngikhuluma ngeminyaka emine futhi ngiyethemba ukuthi lowo mqeqeshi kuzoba yimina. Akumele sizame izindlela ezisheshayo ukulungisa inkinga yeBafana,” kusho u-Igesund.
“Abantu bakhuluma ngombandela ebengibekelwe wona wokufaka izwe eNdebeni yoMhlaba eBrazil kodwa bayakhohlwa wukuthi ngifike iqembu linamaphuzu amabili emidlalweni emibili ngisalelwe yimidlalo emine. Ngiwine emithathu ngashaywa kowodwa. Lowo wu-75%, bese uyazibuza-ke ukuthi ngihlulekile yini. Ngabe lelo yithuba lami? Kodwa uma abantu besola mina ayikho inkinga. Kunzima ukufika uphumelele entweni esiphakathi. Noma yimuphi umqeqeshi ozoqashwa yize ngifisa kube yimina, kungakuhle anikwe iminyaka emine ngemuva kwalokho bese eyahlulelwa. Uma ubuka imidlalo emqoka, angikhulumi ngeyobungani, irekhodi lami liyazikhulumela.”