CELANI SIKHAKHANE
U MFOWABO wowayengumengameli wakuleli uMnuz Thabo Mbeki uthi besingekho isidingo sokuthi kugxekwe abantu abampofu bakuleli abathinteka ezigamekweni zokushaywa kwabokufika ngoba konke lokhu kube yiphutha likahulumeni ngokungayivikeli imisebenzi yabantu abangenamakhono ethathwa abangaphandle.
UMnuz Moeletsi Mbeki ukusho lokhu ekhuluma ohlelweni lwezingxoxo ekuseni izolo ku-SAFM, lapho ebephawula ngokuhlaselwa kwabokufika.
“Okokuqala abantu ikakhulukazi baseZimbabwe yibona abaqashwe ezindaweni okwenziwa kuzo imisebenzi engadingi amakhono kuleli okufanele engabe ithathwa ngabantu balapha abangafundile abahluphekayo.Yilesi sizathu esidale ukuthi abantu bagcine bethukuthela belwa.
“Ngaphandle kwalokho ngesikhathi uMengameli waseZimbabwe uMnuz Robert Mugabe ewisa umnotho wezwe lakhe ngo-2000 kwathi ngo-2002 uhulumeni waseNingizimu Afrika waqoka ukuthi ahoxise wonke amasosha ayesemingceleni ngenhloso yokuthi abantu baseZimbabwe ababebalekela indlala ezweni labo bangene kalula kuleli.
“Waphinde wabavumela ekutheni bazoncintisana nabakuleli abahluphekayo emisebenzini engadingi amakhono. Kumanje sinabantu baseZimbabwe abangaphezulu kuka-1 million kuleli.
“Laba bantu bahlala ezindaweni zabantu abampofu okuyimijondolo kodwa futhi yibona abaqashwe kule misebenzi okufanele ngabe kusebenza kuyo abalapha abangenawo amakhono nokuthi bona bafundile uma beqhathaniswa nabaseNingizimu Afrika,” kusho uMbeki.
Uthe yingakho kube yiphutha ukuthi kugxekwe abantu emazingeni aphansi ngodlame ngoba bekumele kugxekwe abaholi abahluleke bancama ukubhekana nalesi simo kusuka ngo-2002 njengoba abantu bakwamanye amazwe bezingenela ngendlela abafisa ngayo kuleli bathathe nemisebenzi yabampofu.
Lokhu uthe umphumela wakho wudlame, abantu bakuleli iningi labo elingafundile ligcina lizithola lingasebenzi, bese libona ukuthi amathuba engabe liyawathola athathwa yilaba bantu bakoZimbabwe.
Ubesho lokhu ebeka nesibonelo sokuthi eZimbabwe akulula ukuthola umuntu wakwelinye izwe ohluphekayo edayisa emigwaqweni yakhona ngoba uMugabe wakubeka kwacaca ukuthi akukho noyedwa umuntu wangaphandle okumele athathe amathuba abantu baseZimbabwe azodayisa emigwaqweni yakhona.
UMbeki uthe kwaba yiphutha elikhulu ukuthi kuhoxiswe amasosha emingceleni ngoba kusho ukuthi izwe alivikelekile ngokwanele ngakho kudingeka kufakwe ingcindezi ukuthi uhulumeni alungise lesi simo.
Ukusho lokhu nje eMlazi abantu bakhona abasebenza kwaJeena Super Market bashaya abantu bangaphandle becasulwa ukuthi betelekile baxoshwa kwaqashwa abokufika.