BONISWA MOHALE
U MPHEKI owalala indawo yesibili ohlelweni lwethelevishini iMasterChef SA, uNksz Siphokazi Mdlankomo, ugqugquzele abantu ukuba bangadidwa wudumo bagcine sebeshiye imisebenzi yabo ngoba kaluzi nemali.
UNksz Mdlankomo (40) uthi ukungenela iMasterChef SA kumvulele amathuba amaningi kodwa lokhu akumenzanga washiya umsebenzi wakhe wasejalidini njengoba esawa evuka nabelungu bakhe.
“Ngangigqugquzelwa ngabelungu bami ukuba ngingenele iMasterChef SA, ngakho ngeke ngikwazi ukuvele ngibashiye. Udumo alusho ukuthi usuyisicebi ngakho ngicela abantu bakithi bangadidwa yilona ngoba uma ubonakala kuthelevishini amathuba ayavuleka kodwa lokho akusho ukuthi usunemali eyanele kangangokuthi usungashiya nomsebenzi wakho,” kusho uNksz Mdlankomo.
Namhlanje uzobe eseDurban Exhibition Centre nabanye abapheki kwiGood Food & Wine Show. Kuzobe kukhona uJenny Morris, Brent Owens, Claire Allen, Ndumiso Mncwabe, Penny Fitchet, Renae Smith, Reza Mahammad, Rick Stein, Roxanne Wardman noYudhika Sujanani.
Kuzobe kukhona nosaziwayo okubalwa kubo u-J Something weMiCasa, Lorna Maseko wohlelo lwethelevishini i Top Billing nabanye abaningi.
Amathikithi abiza u-R115 kuhlangene namavawusha okuphuza iwayini, nengilazi yakhona. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 zingena mahhala.
Amathikithi okubuka abapheki baphesheya abiza u-R100 kuthi awabaseNingizimu Afrika abe ngu-R75.
Uveze ukuthi amathuba anawo ayamsiza ukuba alandele iphupho lakhe njengoba eyinxusa lakwa-Pick n Pay. UNksz Mdlankomo unengane eyodwa athi iyona nomndeni wakubo eyenza ukuthi angadidwa wudumo ahlale emsebenzini.
“Uma unomndeni awukwazi ukuvele ushiye umsebenzi ngoba usuthole udumo. Kumele uqhubeke unakekele umndeni wakho noma usuvela kuthelevishini. Akulula ukulandela iphupho lakho kumele ubekezele, usebenze ngokuzikhandla futhi uphokophele phambili,” kusho uNksz Mdlankomo.
Ugqugquzele abafuna ukuphumelela ukuba basondelane nabantu abalungile, abazobagqugquzela ukuthi benze abakuthandayo.
Wenze isibonelo sokuthi abaqashi bakhe bayamgqugquzela kukho konke akwenzayo futhi noma esedikibala yibona abenza isiqiniseko sokuthi uyabekezela.
Uthe akashadile okwamanje ngoba umshado akuyona into ehamba phambili ezinhlelweni zakhe okwamanje, yize enaye umuntu ahlekisana naye.
Uphethe ngokuthi akasazimisele ngokuba nengane ngoba akafuni ukuba ngugogo wayo.