CELANI SIKHAKHANE
U MPHAKATHI wamaBhunu ukhala ngokuthi usabhekene nenkinga yokubulawa emapulazini okungesinye sezizathu esenze ukuthi ungalisabeli ikhwelo likaMengameli Jacob Zuma neSilo samaBadla lokuba kubuyiswane phakathi kwawo namaZulu.
Lokhu kuvele ngesikhathi ingxenye yamaBhunu ixoxa ne Solezwe lapho ebehlele khona umcimbi eBlood River Museum ngaphesheya komfula iNcome ezokhumbula ukunqoba kwawo isizwe samaZulu empini yango-1838.
Lo mcimbi ubuhlelwe ngaphesheya lapho khona kunetshe lesikhumbuzo samaBhunu elinesifungo esaqoshwa phansi sokuzibophezela kuMdali ngokuthi uma benqoba amaZulu bayohlale behlanganela khona bezobonga kuNkulunkulu.
Nganeno kweNcome okuwuhlangothi okwakuhleli kulo ibutho likaZulu bekuqhubeka umcimbi wokubuyisana obuhanjelwe uMengameli Zuma, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu, Isilo nabanye abaholi nezinkumbi zabantu abamnyama nengcosana yabamhlophe abebengafike ngisho ku-20 namaNdiya.
UMnuz Frans Schutte (78) wasePitoli uthe bona abayingeni indaba yokubuyisana ngoba ayisizi ngalutho, kunalokho umphakathi wamaBhunu uyahlaselwa ubulawe emapulazini.
“Ukube uhulumeni le nto yokubuyisana uyenza unyaka wonke kuqedwe nokubulawa kwamaBhunu emapulazini ngabe siyezwa kodwa manje kwenziwa embuthanweni wosuku olulodwa ongeke usize ngalutho,” kusho uSchutte.
Uthe yena nomndeni wakhe njalo ngoDisemba beza eNcome bezohlanganyela namanye amaBhunu bakhumbule ukunqoba kwabo babonge uNkulunkulu.
Okunye ukuthi amaBhunu awayingeni indaba yebhuloho elifakwe emfuleni iNcome eliwuphawu lokubuyisana nokubambisana phakathi kwawo namaZulu ngoba ethi wona awasoze awelele ngaphesheya kodwa njalo ngoDisemba 16 ayohlale engasohlangothini loyisemkhulu okubekwe kulo itshe lesifungo sokunqoba.
UMnuz Bert Visser (50) uthe akaqondi ukuthi kungani kufanele awelele ngaphesheya noma ayohlanganyela namaZulu uma kunomcimbi ngoba imigubho yabo yalolu suku ayifani futhi ayisoze yafana.
“Thina uma silana sisuke sizothandaza kuleli tshe siqinisa isifungo esenziwa okhokho bethu kulona. Ngaphandle kwalokho leli tshe labusiswa uMfu Gert Maritz yingakho lingcwele futhi singasoze sagudluka kulo uma kuyilolu suku. Okunye ukuthi nina bantu abamnyama nisuke ngalolu suku nizenzela amaphathi nijabula kanti kithina lisho lukhulu emlandweni,” kusho uVisser.
Leli tshe labekwa lapho okwafikela khona amabutho amaBhunu ngo-1838 ezolwa namaZulu kanti kubiyelwe kwabekwa nemifanekiso yezinqola zempi.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khuma-lo uthe lokhu kuphonsa inselelo kuhulumeni ngale micimbi ehlale yenziwa ngoba kuyacaca ukuthi isuke igxile ohlangothini olulodwa lwabantu abamnyama.
“Akuwona kuphela lo mcimbi abamhlophe abawushaya indiva kodwa miningi. Ugcina usuzibuza ukuthi abantu abamnyama babuyisana nobani uma kuba yibo bodwa kule migubho ekubeni labo ababexabene nabo bengayihambeli. Lokhu kuphoqa uhulumeni ukuthi abenezinhlelo ezizogxila kuzona zonke izinhlanga kuqiniswe indaba yokubuyisana kuzona zonke izinhlanga kungabi nje imicimbi yosuku olulodwa,” kusho uKhumalo.
Uphethe ngokuthi kuyacaca ukuthi namanje amaBhunu asenenzondo futhi awayifihli ngoba nakwezombusazwe kwala ngisho esondezwa kodwa awafuni.