ZANELE MSOMI
A PHUME ehlehla amaphoyisa aseHibberdene ngoMgqibelo abezama ukuyobopha umsolwa obesefunwe iminyaka, emhlasela emngcwabeni wesihlobo sakhe kanti azodutshulwa abuye elambatha.
Kuthiwa umngcwabo wakwaMbili eMakhoso, eHibberdene uphenduke isekisi ngesikhathi amaphoyisa ayisihlanu abencinzwe indlebe ukuthi kukhona umsolwa, ehlaselwa owomndeni.
Kubikwa ukuthi la maphoyisa namanje asazibuza ukuthi asinde kanjani njengoba kuthiwa obedubula ubesho ukuwacoboshisa ngenhlamvu, ezama ukuvikela umsolwa obesephuma nawo ngesango.
Omunye obekhona emngcwabeni ocele ukungadalulwa, uthe bese kusemathuneni khona egcekeni kwaMbili ngesikhathi kugasela amaphoyisa. Kulo mngcwabo kuthiwa bekushone ingane ezalwa yindodakazi yakhona.
Kuningi okuthiwa bekuyindida kulo mngcwabo njengoba naso isidumbu sengane besibangwa kodwa sagcina singcwatshwe kwaMbili.
Kuthiwa abomunye umndeni obubanga bebethembise ukuhlasela uma kuqhubeka umngcwabo.
“Kuqhamuke amadoda ayisihlanu azibiza ngamaphoyisa kodwa engawugqokile umfaniswano. Afike amisa umngcwabo aqonda kumsolwa athi azombopha, ebala namacala aboshelwa wona.
“Umsolwa akazange akhombise ukulwa kodwa uvumile amaphoyisa amthatha ayophuma naye esangweni. Sizwe sekuqhuma isibhamu kukhona odubula amaphoyisa, umsolwa wakwazi ukuphulukundlela wabaleka. Akekho otshele omunye kodwa sonke sigcwale izinkalo,” kusho yena.
Kuvela ukuthi obedubula ngumfowabo kamsolwa okuthiwa ubephethe isibhamu sohlobo lwe-9mm. Ngesikhathi edubula kuthiwa amaphoyisa abehlehla, ebaleka njengoba ebengagqokile ngisho izivikelo.
Kusolwa ukuthi amaphoyisa asabe ukudubula ngoba bekungase kulimale abaningi emngcwabeni. Abebeze emngcwabeni kuthiwa bawushiye kanjalo umngcwabo babaleka.
Ilunga lomphakathi elisondelene nomndeni lithe amaphoyisa ajikijelwe nangamafosholo ngesikhathi omunye edubula. Elinye iphoyisa lixakaziswe yilunga lomndeni wakwaMbili, lashaywa nangempama.
Nokho akekho olimele kulesi sigameko.
Umsolwa igama lakhe elisagodliwe kuthiwa ubefunelwa amacala amathathu okuphanga nelokudlwengula.
UMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uthe kuphenywa icala lokuzama ukubulala amaphoyisa abezama ukuzobopha umsolwa.
Kuboshwe uMnuz Fraser Mbili ngecala lokuzama ukubulala nokuphazamisa ukusebenza komthetho wadedelwa ngoMsombuluko ngebheyili ka-R1 500.