FANELESIBONGE BENGU
AZOQALA ngesonto elizayo ukudayisa amathikithi ekhonsathi okuzocula kuyo isihlabani sase-USA uRick Ross eMoses Mabhida Stadium, ngoMeyi 2.
UHlubi Radebe weRichie R Concepts uthe ithikithi elishibhile leYouth Hip Hop Festival lizobiza u-R400 kuthi aweVIP atholakale ngo-R800.
Uthe amathikithi azodayiswa eComputicket naseShoprite/Checkers.
UHlubi uthe indlela umcimbi ozoba ngayo kuzoba sengathi yi-picnic.
“Abantu abazofika phakathi kuka-12 no-4 ntambama bavumeleke ukuthi bafike nama-cooler box abo aneziphuzo zabo abazithandayo. Ngaphakathi kodwa zizobe zikhona izindawo zeziphuzo ezahlukene,” kusho uHlubi.
Le khonsathi iqale ngonyaka odlule kanti yayihanjelwe yinqwaba yabantu.
UHlubi utshele Isolezwe kuleli sonto ukuthi babelindele abantu abangu-3000 kodwa kwafika abantu abangu-6 000.
Abaculi ababenandisa nyakenye kwakungoKhuli Chana, Da Les, iFani, Kwesta, DreamTeam, Zakwe, OkmalumCoolKat ukubala abambalwa.
O-DJ abebedlala kwakungoJunior De Rocka, Feel nabanye.
UHlubi uthe nakulo nyaka kukhona abaculi bakuleli abazobabuyisa ukuthi banandise noRick Ross.
“Ngicabanga ukuthi sizoba nabo oCassper Nyovest, AKA nabaculi abaningi baseThekwini. Sizobabheka nabanye abazobe beshisa izikhotha uma sekusondele usuku lomcimbi,” kusho uHlubi.
NgeSonto bazobe beseYadini Lounge, eMlazi, behamba neCashtime Family besabalalisa nomyalezo othi, “I Do Right” omele ukuthi intsha ayiziqhenye ngokuhle eyikwenzayo.
URick Ross uzobe engaqali ukufika eNingizimu Afrika.
Uke wafika eKapa waphinde wahambela eNelspruit emenywe umacaphuna kusale kasomabhizinisi, uRobert Gumede, ngesikhathi egubha usuku lwakhe lokuzalwa. Uzobe eqala ukuza eThekwini.
URick Ross ujwayele ukuhlabana kumaGrammy Awards nomculo wakhe futhi uyadayisa.
Abaningi bamazi ngamaculo afana no New Flame, Aston Martin Music ne Blowin Money Fast.