MLUNGISI GUMEDE
UMPHAKATHI waseWyebank eThekwini ubabaza isihluku sabasebenzi bakaMasipala weTheku sokubhidliza umjondolo kukhona izingane kuwona, okubalwa nosana olunezinyanga eziyisishiyagalombili.
Usana u-Oluhle Ngema ubehleli nodadewabo uNokwanda oneminyaka engu-10 endlini ngesikhathi kutheleka abasebenzi bomkhandlu bezobhidliza indlu yakubo ngoLwesihlanu.
Elandisa ngalokhu uNokwanda ngemvume kanina, uthe babehleli ekamelweni lokulala ngesikhathi bezwa into ishaya udonga waphuma wabaleka nodadewabo. “Ngiphume nengane ngaya komakhelwane, ngesikhathi ngiphuma endlini emnyango bekugcwele abantu bephethe izando,” usho kanje.
Unina walezi zingane uNksz Gabisile Zulu uthe namanje usathuthumela emva kwesehlakalo esicishe sabulala izingane zakhe.
“Zicishe zafa izingane zami zibulawa abasebenzi bakaMasipala weTheku. Ukuba uNokwanda akazange ahlakaniphe aphume nengane ngabe sikhuluma olunye udaba namhlanje,” usho kanje.
UNksz Zulu uthe ufuna ukwazi ukuthi kungani bemyeke wakha waze waqeda ngaphambi kokuthi bayibhidlize indlu yakhe.
“Ngimoshe imali eningi ngakha lo muzi ngithenga impahla, manje usuzobhidlizwa,” usho kanje.
Uthe ubonga uMdali ngokuthi izingane zakhe ziphume zingenamyocu ngesikhathi kubhidlizwa indlu ziphakathi.
Uthe u-Oluhle akazange alimale, nguNokwanda kuphela owenyelile ngesikhathi ezama ukubaleka.
UMnuz Thulani Mnyende osekomitini lomphakathi uthe basababaza isihluku sabasebenzi bomkhandlu sokuthi babhidlize indlu kukhona izingane phakathi.
“Asazi ngempela ukuthi yini eyenza ukuthi izingane zingatshelwa ukuthi aziphume endlini kuze kubhidlizwe ziphakathi,” usho kanje.
UMnyende uthe ziyisikhombisa izindlu esezibhidliziwe endaweni emasontweni amane edlule.
Uthe izindlu zibhidlizwa kukhona izimpahla phakathi abanikazi bazo abanikwa isikhathi sokuzikhipha.
“Umasipala uthi awufune muntu ozokwakha endaweni kodwa okusixakayo wukuthi abantu bakhe emagcekeni avele anezindlu kodwa bayabhidlizelwa,” usho kanje.
UMnyende uthe yibona abavotela lo hulumeni ophethe osubabhidlizela izindlu.
INhloko yezokuXhumana emkhandlwini weTheku uNksz Tozi Mthethwa ithe bayazi ukuthi amalungu oPhiko lwezokuPhepha emkhandlwini abhidlize indlu eWeybank. Uthe indlu ebhidliziwe beyakhiwe ngokungemthetho kule ndawo.
“Indlu ebhidliziwe ibingakaqedwa ukwakhiwa, ingenalutho phakathi. Ibhidlizwe izingane zingekho phakathi,” usho kanje.
Uthe umkhandlu ulawulwa yimithetho nemigomo.
“Ngeke kuphulwe umthetho izinyathelo zingathathwa njengoba kudla lubi ukuthi abantu bazingenele ngenkani emhlabeni kahulumeni,” kubeka uNksz Mthethwa.